AmaHubo 25:14-21
AmaHubo 25:14-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade ungumngani walabo abamesabayo, ubafundisa ukuba basazi isivumelwano sakhe. Amehlo ami ahlala ethe njo kuSimakade, ngokuba nguye okhulula izinyawo zami ogibeni. Bheka ngakimi, ube nomusa kimi, ngokuba ngiyinhlwa, futhi ngiyahlushwa. Ngikhulule ezinsizini ezisenhliziyweni yami, ungikhiphe ezinhluphekweni engikuzo. Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami. Bheka ukuthi ziningi kangakanani izitha zami, nokuthi zingiphethe ngendlakandla nangenzondo engakanani. Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule, ungavumi ngithelwe ngehlazo, ngokuba mina ngiphephela kuwe. Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngethembele kuwe.
AmaHubo 25:14-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe. Amehlo ami akuye uJehova njalo, ngokuba nguyena okhipha izinyawo zami enetheni. Phendukela kimi, ube nomusa kimi, ngokuba nginesizungu, ngihluphekile. Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile; ngikhiphe ezinhluphekweni zami. Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami. Bheka izitha zami, ngokuba ziningi; ziyangizonda ngenzondo yonya. Londoloza umphefumulo wami, ungikhulule; mawungangijabhisi, ngokuba ngiphephela kuwe. Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngilindele wena.
AmaHubo 25:14-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Imfihlo kaJehova ikulabo abamesabayo; futhi uyobazisa isivumelwano sakhe. Amehlo ami akuJehova njalo; ngoba yena uyakukhipha izinyawo zami enetheni. Phendukela kimi, ube nomusa kimi; ngoba ngilalisiwe, ngicindezelwe. Izinkathazo zenhliziyo yami zandile; ngikhiphe ezinkingeni zami! Bheka usizi nobuhlungu bami; futhi uthethelele zonke izono zami. Nakani izitha zami; ngokuba baningi; futhi bayangizonda ngenzondo enonya. Londoloza umphefumulo wami, ungisindise; mangingajabhi; ngoba ngithemba wena. Ubuqotho nobuqotho makungilonde; ngoba ngilinde wena