AMahubo 22:19-28

AMahubo 22:19-28 ZUL20

Kepha Wena Simakade, mawungabi kude, Wena mandla ami, shesha ungisize. Hlenga umphefumulo wami enkembeni, impilo yami, esidladleni senja. Ngisindise emlonyeni webhubesi, nasezimpondweni zenyathi; uyangiphendula. Ngiyomemezela ngegama lakho kubafowethu, ngikudumise phakathi kwebandla. Nina enesaba uSimakade, mdumiseni! Nina nonke, bozalo lukaJakobe, mdumiseni, nani nonke, bozalo luka-Israyeli, nimesabe, ngokuba akamedelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohlushwayo. Akamfihlelanga ubuso bakhe, kodwa wamuzwa ngesikhathi enxusa. Ukudumisa kwami kuyakuvela kuwe ebandleni elikhulu, izithembiso zami ngiyozifeza phambi kwalabo abamesabayo. Abahluphekayo bayokudla, basuthe; labo abamfunayo uSimakade, bayomdumisa. Sengathi izinhliziyo zenu zingaphila ingunaphakade. Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho; ngokuba umbuso ungokaSimakade; nguye obusa izizwe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 22:19-28