AmaHubo 22:19-28
AmaHubo 22:19-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha Wena Simakade, mawungabi kude, Wena mandla ami, shesha ungisize. Hlenga umphefumulo wami enkembeni, impilo yami, esidladleni senja. Ngisindise emlonyeni webhubesi, nasezimpondweni zenyathi; uyangiphendula. Ngiyomemezela ngegama lakho kubafowethu, ngikudumise phakathi kwebandla. Nina enesaba uSimakade, mdumiseni! Nina nonke, bozalo lukaJakobe, mdumiseni, nani nonke, bozalo luka-Israyeli, nimesabe, ngokuba akamedelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohlushwayo. Akamfihlelanga ubuso bakhe, kodwa wamuzwa ngesikhathi enxusa. Ukudumisa kwami kuyakuvela kuwe ebandleni elikhulu, izithembiso zami ngiyozifeza phambi kwalabo abamesabayo. Abahluphekayo bayokudla, basuthe; labo abamfunayo uSimakade, bayomdumisa. Sengathi izinhliziyo zenu zingaphila ingunaphakade. Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho; ngokuba umbuso ungokaSimakade; nguye obusa izizwe.
AmaHubo 22:19-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha wena Jehova mawungabi kude, wena mandla ami, shesha ungisize. Sindisa umphefumulo wami enkembeni, ukuphila kwami emandleni ezinja. Ngisindise emlonyeni wengonyama; nasezimpondweni zezinyathi uyangizwa. Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho, ngikudumise phakathi kwebandla. Nina enesaba uJehova, mbongeni; nina nonke nzalo kaJakobe, mdumiseni, nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli. Ngokuba akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa. Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu; izithembiso zami ngiyakuzigcwalisa phambi kwabamesabayo. Abamnene bayakudla, basuthe; abafuna uJehova bayakumdumisa; inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade. Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula, iphendukele kuJehova, nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho. Ngokuba umbuso ungokaJehova; nguye obusa izizwe.
AmaHubo 22:19-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa ungabi khatshana lami, O Jehova, mandla ami, shesha ungisize. Sindisa umphefumulo wami enkembeni; sithandwa sami emandleni enja. Ngisindise emlonyeni wengonyama, ngokuba ungizwile ezimpondweni zenyathi. Ngiyakumemezela igama lakho kubafowethu; ngizakudumisa phakathi kwebandla. Nina enimesabayo uJehova, mdumiseni; nonke nina nzalo kaJakobe, mdumiseni; nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli! Ngokuba akadelelanga, akanengwanga ukuhlupheka kwabadabukileyo; futhi akamfihlelanga ubuso bakhe; kodwa lapho embiza, wezwa. Ukudumisa kwami kuyakuba kuwe ebandleni elikhulu; ngizagcwalisa izithembiso zami phambi kwabamesabayo. Abathobekileyo bazakudla basuthe; bayakumdumisa uJehova abamfunayo; inhliziyo yakho iyophila phakade. Yonke imikhawulo yomhlaba iyokukhumbula futhi iphendukele kuJehova, futhi yonke imindeni yezizwe iyakukhuleka phambi kwakho. Ngoba umbuso ungokaJehova, futhi yena ungumbusi phakathi kwezizwe.