AmaHubo 22:19-28

AmaHubo 22:19-28 ZUL59

Kepha wena Jehova mawungabi kude, wena mandla ami, shesha ungisize. Sindisa umphefumulo wami enkembeni, ukuphila kwami emandleni ezinja. Ngisindise emlonyeni wengonyama; nasezimpondweni zezinyathi uyangizwa. Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho, ngikudumise phakathi kwebandla. Nina enesaba uJehova, mbongeni; nina nonke nzalo kaJakobe, mdumiseni, nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli. Ngokuba akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa. Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu; izithembiso zami ngiyakuzigcwalisa phambi kwabamesabayo. Abamnene bayakudla, basuthe; abafuna uJehova bayakumdumisa; inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade. Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula, iphendukele kuJehova, nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho. Ngokuba umbuso ungokaJehova; nguye obusa izizwe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 22:19-28