Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho. Uyiphe obekufiswa yinhliziyo yayo, awuyigodlelanga ebikucela ngezindebe zomlomo wayo. Sela Uyihlangabeze ngezibusiso ezinhle, wayethwesa umqhele wegolide elicwengekileyo ekhanda layo. Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona; yaphila izinsuku eziningi, kwaze kwaba ingunaphakade. Inkulu inkazimulo yayo ngokuyinqobisa kwakho; uyethwese udumo nobukhosi. Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho. Inkosi yethembele kuSimakade, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyukunyakaziswa. Isandla sakho siyozifumana zonke izitha zakho; esokunene sakho sibathole abakuzondayo. Ngesikhathi sentukuthelo yakho, uyobenza bafane nesithando somlilo. USimakade uyobasobozela ngentukuthelo yakhe, umlilo ubashwabadele. Uzalo lwabo uyolubhubhisa emhlabeni, nesizukulwane sabo, phakathi kwabantu. Uma bekwakhela uzungu, beceba okubi ngawe, abayukuphumelela; ngokuba uyobaciba ngomcibisholo wakho bebuka, bashaye bachithe. Phakama ngamandla akho, Simakade. Thina sizohlabelela, situse amandla akho.
Funda AMahubo 21
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 21:1-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo