AmaHubo 21:1-13
AmaHubo 21:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho. Uyiphe obekufiswa yinhliziyo yayo, awuyigodlelanga ebikucela ngezindebe zomlomo wayo. Sela Uyihlangabeze ngezibusiso ezinhle, wayethwesa umqhele wegolide elicwengekileyo ekhanda layo. Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona; yaphila izinsuku eziningi, kwaze kwaba ingunaphakade. Inkulu inkazimulo yayo ngokuyinqobisa kwakho; uyethwese udumo nobukhosi. Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho. Inkosi yethembele kuSimakade, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyukunyakaziswa. Isandla sakho siyozifumana zonke izitha zakho; esokunene sakho sibathole abakuzondayo. Ngesikhathi sentukuthelo yakho, uyobenza bafane nesithando somlilo. USimakade uyobasobozela ngentukuthelo yakhe, umlilo ubashwabadele. Uzalo lwabo uyolubhubhisa emhlabeni, nesizukulwane sabo, phakathi kwabantu. Uma bekwakhela uzungu, beceba okubi ngawe, abayukuphumelela; ngokuba uyobaciba ngomcibisholo wakho bebuka, bashaye bachithe. Phakama ngamandla akho, Simakade. Thina sizohlabelela, situse amandla akho.
AmaHubo 21:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho. Uyinikile njengokwenhliziyo yayo, nesicelo sezindebe zayo awusinqabanga. Sela* Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle; wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo. Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona, izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade. Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho; udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo. Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho. Ngokuba inkosi iyethemba uJehova, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa. Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo. Uyakubenza babe njengesithando somlilo, nxa ubonakalisa ubuso bakho; uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe, umlilo uyakubaqeda. Isithelo sabo uyakusichitha emhlabeni kanye nenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu. Ngokuba babehlosa okubi, baceba icebo; kepha bayahluleka. Ngokuba uyakubafulathelisa; ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo. Mawuphakame, Jehova, emandleni akho; thina siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.
AmaHubo 21:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Inkosi iyakuthokoza ngamandla akho, Jehova; futhi yeka ukuthi uyojabula kangakanani ngensindiso yakho! Wamnika isifiso senhliziyo yakhe, kawusigodlanga isicelo sezindebe zakhe. Sela. Ngoba umvimba ngezibusiso zokulunga; Wafaka ekhanda lakhe umqhele wegolide elicwengekileyo. Wacela ukuphila kuwe, wamnika kona, ubude bezinsuku kuze kube phakade. Inkazimulo yakhe inkulu ngensindiso yakho; umnike udumo nobukhosi. Ngokuba umenze waba yisibusiso kuze kube phakade; Umthokozise kakhulu ngobuso bakho. Ngokuba inkosi ithembela kuJehova, nangomusa woPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa. Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho; isandla sakho sokunene siyakufumana abakuzondayo. Uyakubenza babe njengesithando somlilo ngesikhathi solaka lwakho; uJehova uyobashwabadela ngolaka lwakhe, futhi umlilo uyobaqeda. Uzasiqeda izithelo zabo emhlabeni, lenzalo yabo phakathi kwabantwana babantu. Ngokuba baceba okubi ngawe, baceba icebo elibi abangenakulenza. Ngakho kumelwe ubafulathele, lapho ulungisa imicibisholo yakho ezintanjeni zakho ngokumelene nobuso babo. Phakamisa, Jehova, ngamandla akho; ngakho siyakuhlabelela, sidumise amandla akho.