Ake ulalele udaba lwami, Simakade,
ulalele ukukhala kwami,
ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami
ophuma emlonyeni ongenankohliso.
NguWena kuphela ongangikhipha phambili;
amehlo akho ayakubona okuliqiniso.
Uyivivinyile inhliziyo yami,
wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa,
kepha awufumani lutho;
nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.
Angenzi njengabantu abaningi,
ngokuba ngithobela izwi lakho,
ngiyazigwema izindlela zezidlova.
Izinyathelo zami zisemkhondweni wakho,
izinyawo zami azizange zishelele.
Ngiyakukhala kuwe,
ngokuba uyongiphendula, Nkulunkulu;
beka indlebe yakho kimi,
uzwe engikukhulumayo.
Bonakalisa uthando lwakho olungapheliyo,
Wena osindisa ngesokunene sakho
abaphephela kuwe kulabo ababavukelayo.
Ngivikele njengenhlamvu yeso,
ungifihle emthunzini wamaphiko akho,
kwababi abangicindezelayo,
nasezitheni zami ezingihaqileyo.
Zivalile izinhliziyo zazo, azinasihe,
zikhuluma zizigqaja ngemilomo yazo.
Ziyangilandela noma ngiyaphi,
ziyangizungeza,
zingithe njo ngamehlo azo,
ukuze zingithele othulini.
Ufana nebhubesi elilambile,
nanjengebhongo lengonyama licuthe ehlozini.
Yima ngomumo, Simakade,
ubhekane nazo,
ziqumbe phansi.
Sindisa umphefumulo wami ngenkemba yakho,
nakubantu, ngesandla sakho, Simakade,
abantu abasabelo sabo
kulo mhlaba sikulokhu kuphila,
nabazisu zabo uzigcwalisa
ngalokho obabekele khona,
nabashiyela izingane zabo
okuningi okusele kubo.
Kepha mina ngizobuka ubuso
bakho ekulungeni,
ngeneliswe ngubunjalo bakho lapho ngivuka.