AmaHubo 17:1-15
AmaHubo 17:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso. NguWena kuphela ongangikhipha phambili; amehlo akho ayakubona okuliqiniso. Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami. Angenzi njengabantu abaningi, ngokuba ngithobela izwi lakho, ngiyazigwema izindlela zezidlova. Izinyathelo zami zisemkhondweni wakho, izinyawo zami azizange zishelele. Ngiyakukhala kuwe, ngokuba uyongiphendula, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi, uzwe engikukhulumayo. Bonakalisa uthando lwakho olungapheliyo, Wena osindisa ngesokunene sakho abaphephela kuwe kulabo ababavukelayo. Ngivikele njengenhlamvu yeso, ungifihle emthunzini wamaphiko akho, kwababi abangicindezelayo, nasezitheni zami ezingihaqileyo. Zivalile izinhliziyo zazo, azinasihe, zikhuluma zizigqaja ngemilomo yazo. Ziyangilandela noma ngiyaphi, ziyangizungeza, zingithe njo ngamehlo azo, ukuze zingithele othulini. Ufana nebhubesi elilambile, nanjengebhongo lengonyama licuthe ehlozini. Yima ngomumo, Simakade, ubhekane nazo, ziqumbe phansi. Sindisa umphefumulo wami ngenkemba yakho, nakubantu, ngesandla sakho, Simakade, abantu abasabelo sabo kulo mhlaba sikulokhu kuphila, nabazisu zabo uzigcwalisa ngalokho obabekele khona, nabashiyela izingane zabo okuningi okusele kubo. Kepha mina ngizobuka ubuso bakho ekulungeni, ngeneliswe ngubunjalo bakho lapho ngivuka.
AmaHubo 17:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yizwa ukulunga, Jehova, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso. Ukwahlulelwa kwami makuvele ebusweni bakho; amehlo akho mawabheke okulungileyo. Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki. Emisebenzini yabantu ngiyazilinda, ezindleleni zezidlova ngezwi lezindebe zakho. Izinyathelo zami zinamathela ezinyaweni zakho, izinyawo zami azisheleli. Ngikhala kuwe, ngokuba uyangizwa, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi, uzwe izwi lami. Bonakalisa isihe sakho esimangalisayo wena osindisa ngesandla sakho sokunene labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo. Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungisithe ethunzini lamaphiko akho kubo ababi abangilimazayo, kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo. Bavalelwe ngamanoni abo, bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo. Noma siyaphi, bayangizungeza; amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini. Unjengengonyama ehahela ukubamba, njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo. Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi; sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho, nakubantu ngesandla sakho, Jehova, abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila, nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho, nabashiyela izingane zabo okusele kubo. Kepha mina ngiyakubuka ubuso bakho ekulungeni, ngisuthe ngesimo sakho ekuvukeni kwami.
AmaHubo 17:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
(Umkhuleko kaDavide.) Zwana, Jehova, mahluleli, uzwe ukukhala kwami, uzwe umkhuleko wami ongaphumi ezindebeni ezikhohlisayo. Ukwahlulela kwami makuphume ebusweni bakho; amehlo akho mawabone ukulingana. Uyihlolisisile inhliziyo yami; Wangivakashela ebusuku; ningilingile, anizukuthola lutho; Nganquma ukuthi umlomo wami awuyikweqa. Ngokuqondene nemisebenzi yabantu, ngezwi lezindebe zakho ngizigcinile ezindleleni zomchithi. Gcina izindlela zami ezindleleni zakho, ukuze izinyathelo zami zingasheleli. Ngikhala kuwe, ngokuba uyakungilalela, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi, ulalele izwi lami. Bonisa umusa wakho omangalisayo, wena okhulula abathembela kuwe ngesandla sakho sokunene kulabo ababavukelayo. Ngigcine njengenhlamvu yeso, ungifihle ngaphansi komthunzi wamaphiko akho, Kubabi abangicindezelayo, nasezitheni zami ezibulalayo ezingihaqileyo. Bavalelwe emafutheni abo; ngomlomo wabo bakhuluma ngokuziqhenya. Manje basihaqile ezinyathelweni zethu; baphendulela amehlo abo emhlabeni; Njengengonyama ehahela impango, nanjengebhongo lengonyama elicasha ezindaweni zokucasha. Vuka, Jehova, umdumaze, umwise; sindisa umphefumulo wami kwababi, okuyinkemba yakho. Kubantu abayisandla sakho, Jehova, kubantu bomhlaba abanesabelo sabo kulokhu kuphila, nesisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho efihliweyo; bagcwele abantwana bashiyela abancane babo okusalayo. Mina-ke, ngizabubona ubuso bakho ekulungeni; Ngiyokwaneliswa ekuvukeni kwami, ngomfanekiso wakho.