AMahubo 145:1-9

AMahubo 145:1-9 ZUL20

Ngiyakuphakamisa Wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade. Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade. USimakade mkhulu, umelwe ukudunyiswa kakhulu, ubukhulu bakhe abuqondakali. Isizukulwane siyakuyibabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla. Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho nangezimangaliso zakho. Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo, ubukhulu bakho ngiyakubumemezela. Bayakugubha umkhosi bekhumbula ubuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho. USimakade unobubele nobumnene, uyephuza ukuthukuthela, unomusa omkhulu. USimakade muhle kubo bonke, uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.