AmaHubo 145:1-9

AmaHubo 145:1-9 ZUL59

Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade. Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade. Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki. Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla. Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho nangezimangaliso zakho. Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo; ubukhulu bakho ngiyakubumemezela. Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho. UJehova unesihe nobumnene; uyephuza ukuthukuthela, mkhulu ngomusa. UJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.