AMahubo 145

145
Ukudumisa Ubukhulu Begama LikaSimakade
Indumiso kaDavide
1Ngiyakuphakamisa Wena Nkulunkulu wami, Nkosi,
ngilituse igama lakho phakade naphakade.
2Imihla yonke ngiyakukubonga,
ngilidumise igama lakho phakade naphakade.
3USimakade mkhulu,
umelwe ukudunyiswa kakhulu,
ubukhulu bakhe abuqondakali.
4Isizukulwane siyakuyibabaza kwesinye imisebenzi yakho,
simemezele izenzo zakho zamandla.
5Ngiyakuzindla ngenkazimulo
nodumo lobukhosi bakho
nangezimangaliso zakho.
6Abantu bayakukhuluma
ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo,
ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.
7Bayakugubha umkhosi
bekhumbula ubuhle bakho obukhulu,
bahube ngokulunga kwakho.
8USimakade unobubele nobumnene,
uyephuza ukuthukuthela,
unomusa omkhulu.
9USimakade muhle kubo bonke,
uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.
10Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa,
abathembekileyo bakho bakubonge.
11Bayokhuluma ngenkazimulo yombuso wakho,
12ukuze babazise abantwana babantu
izenzo zakho zamandla
nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.
13Umbuso wakho ungumbuso
kuze kube phakade,
ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.
14USimakade uyabaphasa bonke abawayo,
abaphakamise bonke abathotshisiweyo.
15Amehlo abo bonke alinda Wena;
uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.
16Uyavula isandla sakho,
usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.
17USimakade ulungile ezindleleni zakhe zonke,
unomusa emisebenzini yakhe yonke.
18USimakade useduze nabo bonke abambizayo,
bonke abambiza ngeqiniso.
19Usuthisa ukufisa kwabamesabeyo,
uyakuzwa ukukhala kwabo, abasindise.
20USimakade uyabavikela abamthandayo,
kodwa zonke izikhohlakali uyozibhubhisa.
21Umlomo wami uyokhuluma ngodumo lukaSimakade,
abantu bonke babonge
igama lakhe elingcwele
kuze kube phakade.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 145: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo