NguWena owenza izinso zami, wangiphica ngisesesibelethweni sikamame. Ngiyakukubonga ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa, umphefumulo wami ukwazi kahle. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba. Amehlo akho angibona ngiseyihlule, zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo. Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo. Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe. Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi. Izitha zakho zikhuluma kabi ngawe, zihlambalaza igama lakho. Simakade, kanti angibazondi yini abakuzondayo na? Anginengwa yini ngabakuvukelayo na? Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo, bayizitha kimi. Ngihlole, Nkulunkulu, uyazi inhliziyo yami; ngilinge, uyazi imicabango yami, ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami, ungiholele endleleni yaphakade.
Funda AMahubo 139
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 139:13-24
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo