AMahubo 139:1-24

AMahubo 139:1-24 ZUL20

Wena Simakade ungihlolisisile, uyangazi. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude. Uhlola ukuhamba kwami nokulala kwami, uzazi zonke izindlela zami. Ngaphambi kokuba ngiphimise izwi ngomlomo wami, Wena Simakade usuke usukwazi konke. Ungizungeze ngemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa, kuphakeme, anginakufinyelela kukho. Ngiyakuya kuphi, ngisuke eMoyeni wakho na? Ngiyakubalekelaphi, ngisuke phambi kwakho na? Uma ngikhuphukela ezulwini, Wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu Wena. Uma ngithatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe. Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,” ubumnyama bebungayukuba ngubumnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya. NguWena owenza izinso zami, wangiphica ngisesesibelethweni sikamame. Ngiyakukubonga ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa, umphefumulo wami ukwazi kahle. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba. Amehlo akho angibona ngiseyihlule, zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo. Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo. Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe. Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi. Izitha zakho zikhuluma kabi ngawe, zihlambalaza igama lakho. Simakade, kanti angibazondi yini abakuzondayo na? Anginengwa yini ngabakuvukelayo na? Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo, bayizitha kimi. Ngihlole, Nkulunkulu, uyazi inhliziyo yami; ngilinge, uyazi imicabango yami, ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami, ungiholele endleleni yaphakade.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 139:1-24

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo