AmaHubo 139:1-24

AmaHubo 139:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Wena Simakade ungihlolisisile, uyangazi. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude. Uhlola ukuhamba kwami nokulala kwami, uzazi zonke izindlela zami. Ngaphambi kokuba ngiphimise izwi ngomlomo wami, Wena Simakade usuke usukwazi konke. Ungizungeze ngemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa, kuphakeme, anginakufinyelela kukho. Ngiyakuya kuphi, ngisuke eMoyeni wakho na? Ngiyakubalekelaphi, ngisuke phambi kwakho na? Uma ngikhuphukela ezulwini, Wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu Wena. Uma ngithatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe. Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,” ubumnyama bebungayukuba ngubumnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya. NguWena owenza izinso zami, wangiphica ngisesesibelethweni sikamame. Ngiyakukubonga ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa, umphefumulo wami ukwazi kahle. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba. Amehlo akho angibona ngiseyihlule, zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo. Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo. Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe. Sengathi ungazibulala izikhohlakali, Nkulunkulu, ngalokho-ke sukani kimi, nina bachithi begazi. Izitha zakho zikhuluma kabi ngawe, zihlambalaza igama lakho. Simakade, kanti angibazondi yini abakuzondayo na? Anginengwa yini ngabakuvukelayo na? Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo, bayizitha kimi. Ngihlole, Nkulunkulu, uyazi inhliziyo yami; ngilinge, uyazi imicabango yami, ubone ukuthi kukhona yini okubi ngaphakathi kwami, ungiholele endleleni yaphakade.

AmaHubo 139:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude. Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami, wazana nezindlela zonke zami. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo. Ungizungezile ngasemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho. Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho, na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na? Uma ngikhuphukela ezulwini, wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena. Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe. Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,” ubumnyama bebungayikuba mnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya. Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame. Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba. Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo. Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo. Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe. Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu; ngalokho sukani kimi nina bantu begazi. Bakhuluma ngamacebo ngawe, baliphatha ngeze igama lakho. Jehova, angibazondi abakuzondayo na? Anginengwa ngabakuvukelayo na? Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo; bayizitha kimi. Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami, ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.

AmaHubo 139:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi. Uyalwazi usizi lwami nokuhlubuka kwami, uqonda imicabango yami ukude. Uyahamba endleleni yami nombhede wami, futhi uyazazi zonke izindlela zami. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, kepha bheka, Jehova, wena ulazi lonke. Wangizungeza ngemuva nangemuva, wabeka isandla sakho phezu kwami. Ulwazi olunjalo luyangimangalisa; iphakeme, angikwazi ukuyifinyelela. Ngiyakuyaphi ngisuka emoyeni wakho na? noma ngingabalekelaphi ebusweni bakho na? Lapho ngikhuphukela ezulwini, ulapho; lapho ngendlala umbhede wami esihogweni, bheka, Ukhona. Uma ngithatha amaphiko okusa, ngiphile ekupheleni kolwandle; Nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe. Uma ngithi: Impela, ubumnyama buyangisibekela; nobusuku buyakuba ngukukhanya phezu kwami. Yebo, ubumnyama abucasuki kuwe; kepha ubusuku bukhanya njengemini: ubumnyama nokukhanya kungokwenu. Ngokuba uzithathile izinso zami, wangembesa esiswini sikamame. Ngifuna ukukudumisa; ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; iyamangalisa imisebenzi yakho; nokuthi umphefumulo wami ukwazi kahle. Impahla yami yayingafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngenziwa ngokumangalisayo ezindaweni eziphansi kakhulu zomhlaba. Amehlo akho angibona kahle, nokho ngingaphelele; futhi encwadini yakho kulotshiwe wonke amalungu ami abunjwa kungekho nelilodwa lawo. Iyigugu kangakanani kimi imicabango yakho, Nkulunkulu! inkulu kangakanani ingqikithi yakho! Lapho ngibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, ngisenawe. Impela uyakubulala ababi, Nkulunkulu; Ngokuba bakhuluma kabi ngawe, nezitha zakho ziliphatha ngeze igama lakho. Anginabo yini abakuzondayo, Jehova? futhi angidabukile yini ngabakuvukelayo? Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo, ngibabheka njengezitha zami. Ngihlole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngivivinye, wazi imicabango yami. Futhi ubone uma kukhona indlela embi kimi, futhi ungihole endleleni yaphakade.