Wena Simakade ungihlolisisile, uyangazi. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude. Uhlola ukuhamba kwami nokulala kwami, uzazi zonke izindlela zami. Ngaphambi kokuba ngiphimise izwi ngomlomo wami, Wena Simakade usuke usukwazi konke. Ungizungeze ngemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa, kuphakeme, anginakufinyelela kukho. Ngiyakuya kuphi, ngisuke eMoyeni wakho na? Ngiyakubalekelaphi, ngisuke phambi kwakho na? Uma ngikhuphukela ezulwini, Wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu Wena. Uma ngithatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe. Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,” ubumnyama bebungayukuba ngubumnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya. NguWena owenza izinso zami, wangiphica ngisesesibelethweni sikamame. Ngiyakukubonga ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa, umphefumulo wami ukwazi kahle. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba. Amehlo akho angibona ngiseyihlule, zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.
Funda AMahubo 139
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 139:1-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo