AmaHubo 139:1-16

AmaHubo 139:1-16 ZUL59

Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude. Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami, wazana nezindlela zonke zami. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo. Ungizungezile ngasemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho. Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho, na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na? Uma ngikhuphukela ezulwini, wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena. Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe. Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,” ubumnyama bebungayikuba mnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya. Ngokuba wena uzenzile izinso zami, wangaluka esiswini sikamame. Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba. Amehlo akho angibona ngiseyihlule; zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 139:1-16