Bongani uSimakade, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Bongani uNkulunkulu wonkulunkulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Bongani iNkosi yamakhosi,
ngokuba umusa wayo umi phakade;
yona yodwa eyenza izimangaliso ezinkulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owenze izulu ngokuhlakanipha,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owendlale umhlaba phezu kwamanzi,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owenza izinkanyiso ezinkulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
ilanga ukuba libuse emini,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
inyanga nezinkanyezi ukuba kubuse ebusuku,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owabulala amazibulo abaseGibhithe,
amazibulo alo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade,
ngesandla esinamandla nangezikhwepha,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owehlukanisa kabili uLwandle Lomhlanga,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owachitha uFaro nempi yakhe oLwandle Lomhlanga,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owahola abantu bakhe ehlane,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owashaya amakhosi amakhulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owabulala amakhosi adumileyo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade:
uSihoni, inkosi yama-Amori,
ngokuba umusa wakhe umi phakade,
no-Ogi, inkosi yaseBhashani,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owabapha izwe labo laba yifa,
ngokuba umusa wakhe umi phakade,
laba yifa lika-Israyeli, inceku yakhe,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owasikhumbula sinqotshwe yizitha zethu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owasikhulula ezitheni zethu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
opha bonke abantu ukudla,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Bongani uNkulunkulu wezulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.