AMahubo 136:1-26

AMahubo 136:1-26 ZUL20

Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Bongani uNkulunkulu wonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade; yona yodwa eyenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owenze izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owendlale umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owenza izinkanyiso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade; inyanga nezinkanyezi ukuba kubuse ebusuku, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owabulala amazibulo abaseGibhithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngesandla esinamandla nangezikhwepha, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owehlukanisa kabili uLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owachitha uFaro nempi yakhe oLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owashaya amakhosi amakhulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owabulala amakhosi adumileyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade: uSihoni, inkosi yama-Amori, ngokuba umusa wakhe umi phakade, no-Ogi, inkosi yaseBhashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owabapha izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade, laba yifa lika-Israyeli, inceku yakhe, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owasikhumbula sinqotshwe yizitha zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; opha bonke abantu ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 136:1-26