AmaHubo 136:1-26

AmaHubo 136:1-26 ZUL59

Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade; yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owenzile izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owendlala umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owenza izinkanyiso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade; inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owalishaya iGibithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owashaya amakhosi amakhulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owabulala amakhosi adumileyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade; uSihoni inkosi yama-Amori, ngokuba umusa wakhe umi phakade; no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owanika izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade; laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owasikhumbula sisephansi, ngokuba umusa wakhe umi phakade; owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade; onika inyama yonke ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 136:1-26