Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Bongani iNkosi yamakhosi,
ngokuba umusa wayo umi phakade;
yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owenzile izulu ngokuhlakanipha,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owendlala umhlaba phezu kwamanzi,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owenza izinkanyiso ezinkulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
ilanga ukuba libuse emini,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owalishaya iGibithe, amazibulo alo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owahola abantu bakhe ehlane,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owashaya amakhosi amakhulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owabulala amakhosi adumileyo,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
uSihoni inkosi yama-Amori,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
no-Ogi inkosi yaseBashani,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owanika izwe labo laba yifa,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owasikhumbula sisephansi,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
owasikhulula ezitheni zethu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade;
onika inyama yonke ukudla,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
Bongani uNkulunkulu wezulu,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.