AMahubo 119:36-71

AMahubo 119:36-71 ZUL20

Inhliziyo yami yiguqulele ebufakazini bakho, ukuze ngingafuni nzuzo ngokungalungile. Phendula amehlo ami angakuboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho. Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe. Dlulisa kimi inhlamba engiyesabayo, ngokuba izehlulelo zakho zinhle. Ngilangazelela iziyalezo zakho; ngokulunga kwakho ngiphilise. Umusa wakho mawuze kimi, Simakade, insindiso yakho ngokwezwi lakho. Khona ngiyakumphendula ongichukuluzayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho. Ungalisusi emlonyeni wami izwi leqiniso, ngokuba ngiyazethemba izehlulelo zakho. Khona ngiyowugcina njalo umthetho wakho, kuze kube phakade. Ngizohamba ngenkululeko, ngokuba ngifuna iziyalezo zakho. Ngizokhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi. Ngiyathokoza ngemiyalo yakho engiyithandayo. Ngiyakuyihlonipha imiyalo yakho, engiyithandayo, futhi ngizozindla ngezimiso zakho. Khumbula izwi owalisho encekwini yakho, owangenza ngalo ngaba nethemba. Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki. Ngiyazikhumbula Simakade, izehlulelo zakho zasendulo; ngiyaduduzeka. Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho. Izimiso zakho zaba yizihlabelelo kimi, endlini yokugogobala kwami. Simakade, ebusuku ngikhumbula igama lakho, ngigcine umthetho wakho. Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngizigcinile iziyalezo zakho. USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina. Ngincenga umusa wakho ngenhliziyo yami yonke; ngihawukele ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami; izinyawo zami ngiziqondisa ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Nakuba izintambo zezikhohlakali zingithandela, angikhohlwa ngumthetho wakho. Phakathi kwamabili ngivuka ngikubonge ngenxa yezehlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngani wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Simakade; ngifundise izimiso zakho. Simakade, ngokwezwi lakho wayenzela okuhle inceku yakho. Ngifundise ukwehlulela kahle nokwazi, ngokuba ngiyayikholwa imiyalo yakho. Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho. Umuhle Wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho. Inhliziyo yabo ilukhuni, abezwa lutho, kodwa mina ngithokoza ngomthetho wakho. Kwaba kuhle kimi ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.