AmaHubo 119:36-71

AmaHubo 119:36-71 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, kungabi sekuhaheni. Phendula amehlo ami, angaboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho. Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe. Dlulisa isihlamba engisesabayo, ngokuba izahlulelo zakho zinhle. Bheka, ngiyalangazelela iziyalezo zakho; ngiphilise ngokulunga kwakho. Mawuze kimi umusa wakho, Jehova, insindiso yakho ngokwezwi lakho. Khona ngiyakumphendula ongithukayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho. Ungalisusi emlonyeni wami ngokupheleleyo izwi leqiniso, ngokuba ngiyethemba izahlulelo zakho. Khona ngiyakuwugcina njalo umthetho wakho, yebo, kuze kube phakade. Ngiyakuhamba endaweni ebanzi, ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna. Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi. Ngiyakuthokoza ngemiyalo yakho engiyithandileyo. Ngiyakuphakamisela izandla zami kuyo imiyalo yakho engiyithandileyo, ngizindle ngezimiso zakho. Khumbula izwi encekwini yakho owangipha ithemba ngalo. Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki. Ngiyakhumbula izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; ngiyaduduzeka. Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho. Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakho endlini yokugogobala kwami. Ebusuku ngikhumbula igama lakho, Jehova, ngigcina umthetho wakho. Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngagcina iziyalezo zakho. UJehova uyisabelo sami; ngithi ngiyakugcina amazwi akho. Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami, ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Izintambo zababi ziyangizungeza, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubonge ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova; ngifundise izimiso zakho. Uyenzele inceku yakho okuhle, Jehova, ngokwezwi lakho. Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho. Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho. Umuhle wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho. Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho; kepha mina ngithokoza ngomthetho wakho. Kwangilungela ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.

AmaHubo 119:36-71 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, hhayi ekuhaheni. Susa amehlo ami angaboni okuyize; ungenze ngiphile endleleni yakho. Qinisekisa izwi lakho encekwini yakho, eyesaba wena. Susa ihlazo lami engiyesabayo, ngokuba izahlulelo zakho zinhle. Bheka, ngiyayilangazelela imiyalo yakho; ngiphilise ngokulunga kwakho. VAU. Makube phezu kwami umusa wakho, Jehova, insindiso yakho ngokwezwi lakho. Ngakho ngizakwazi ukumphendula ongithukayo, ngoba ngithemba ilizwi lakho. Futhi ungalisusi izwi leqiniso emlonyeni wami; ngoba ngiyethemba izahlulelo zakho. Ngakho ngiyakuwugcina umthetho wakho kuze kube phakade. Ngizahamba ngikhululekile, ngoba ngidinga iziyalezo zakho. Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi. Ngiyakuthokoza ngemiyalo yakho engiyithandileyo. Ngiyakuphakamisela izandla zami emiyalweni yakho engiyithandayo; ngiyakuzindla ngezimiso zakho. ZAIN. Khumbula izwi ongenze ngalithemba encekwini yakho. Lokhu kuyinduduzo yami ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangiklolodela kakhulu, kepha mina angichezuki emthethweni wakho. Ngacabanga izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; futhi ngiziduduze. Ingebhe ingibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho. Izimiso zakho zaziyizingoma zami endlini yokugogobala kwami. Ngakhumbula igama lakho, Jehova, ebusuku, ngagcina umthetho wakho. Lokhu nganginakho, ngokuba ngigcine imiyalo yakho. CHETH. Wena uyisabelo sami, Jehova, ngishilo ukuthi ngiyakugcina amazwi akho. Ngakuncenga ngenhliziyo yami yonke; yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho. Ngazikhumbula izindlela zami, ngabuyisela izinyawo zami ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angehluleka ukugcina imiyalo yakho. Izixuku zababi zingigezile, kepha angikhohlwa umthetho wakho. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikudumise ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, nowabagcina imiyalo yakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova; ngifundise izimiso zakho. IZIKHATHI. Wenze kahle encekwini yakho, Jehova, njengezwi lakho. Ngifundise ukwahlulela okuhle nokwazi, ngokuba ngiyakholwa imiyalo yakho. Ngingakacindezelwa, ngaduka, kepha manje ngiyaligcina izwi lakho. Wena umuhle futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazidlayo bangiqambele amanga, kepha mina ngiyakugcina imiyalo yakho ngayo yonke inhliziyo yami. Inhliziyo yabo ikhuluphele njengamanoni; kepha mina ngiyathokoza ngomthetho wakho. Kuhle kimi ukuthi ngicindezelwe; ukuze ngifunde izimiso zakho.

AmaHubo 119:36-71 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Inhliziyo yami yiguqulele ebufakazini bakho, ukuze ngingafuni nzuzo ngokungalungile. Phendula amehlo ami angakuboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho. Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe. Dlulisa kimi inhlamba engiyesabayo, ngokuba izehlulelo zakho zinhle. Ngilangazelela iziyalezo zakho; ngokulunga kwakho ngiphilise. Umusa wakho mawuze kimi, Simakade, insindiso yakho ngokwezwi lakho. Khona ngiyakumphendula ongichukuluzayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho. Ungalisusi emlonyeni wami izwi leqiniso, ngokuba ngiyazethemba izehlulelo zakho. Khona ngiyowugcina njalo umthetho wakho, kuze kube phakade. Ngizohamba ngenkululeko, ngokuba ngifuna iziyalezo zakho. Ngizokhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi. Ngiyathokoza ngemiyalo yakho engiyithandayo. Ngiyakuyihlonipha imiyalo yakho, engiyithandayo, futhi ngizozindla ngezimiso zakho. Khumbula izwi owalisho encekwini yakho, owangenza ngalo ngaba nethemba. Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu, kepha emthethweni wakho angichezuki. Ngiyazikhumbula Simakade, izehlulelo zakho zasendulo; ngiyaduduzeka. Ukuvutha kolaka kungibambile, ngenxa yezikhohlakali ezilahla umthetho wakho. Izimiso zakho zaba yizihlabelelo kimi, endlini yokugogobala kwami. Simakade, ebusuku ngikhumbula igama lakho, ngigcine umthetho wakho. Lokhu kwaba ngokwami, ngokuba ngizigcinile iziyalezo zakho. USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina. Ngincenga umusa wakho ngenhliziyo yami yonke; ngihawukele ngokwezwi lakho. Ngizindla ngezindlela zami; izinyawo zami ngiziqondisa ebufakazini bakho. Ngiyashesha, angilibali ukugcina imiyalo yakho. Nakuba izintambo zezikhohlakali zingithandela, angikhohlwa ngumthetho wakho. Phakathi kwamabili ngivuka ngikubonge ngenxa yezehlulelo zakho ezilungileyo. Ngingumngani wabo bonke abakwesabayo, abagcina iziyalezo zakho. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Simakade; ngifundise izimiso zakho. Simakade, ngokwezwi lakho wayenzela okuhle inceku yakho. Ngifundise ukwehlulela kahle nokwazi, ngokuba ngiyayikholwa imiyalo yakho. Ngingakahlupheki ngaduka, kepha manje sengiyaligcina izwi lakho. Umuhle Wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho. Abazikhukhumezayo bangiqambela amanga; ngizozigcina ngenhliziyo yami yonke iziyalezo zakho. Inhliziyo yabo ilukhuni, abezwa lutho, kodwa mina ngithokoza ngomthetho wakho. Kwaba kuhle kimi ukuba ngihlushwe, ukuze ngifunde izimiso zakho.