AMahubo 119:153-160

AMahubo 119:153-160 ZUL20

Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angiwukhohlwa umthetho wakho. Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho. Ukusindiswa kukude nezikhohlakali, ngokuba azizifuni izimiso zakho. Ububele bakho, Simakade, bukhulu; ngiphilise ngokwezehlulelo zakho. Abangizingelayo nabayizitha zami baningi, kodwa angichezuki emiyalelweni yakho. Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho. Bheka ukuthi ngizithanda kangakanani iziyalezo zakho, Simakade; ngiphilise ngokomusa wakho. Amazwi akho wonke ayiqiniso; zonke izehlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 119:153-160