AmaHubo 119:153-160
AmaHubo 119:153-160 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angiwukhohlwa umthetho wakho. Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho. Ukusindiswa kukude nezikhohlakali, ngokuba azizifuni izimiso zakho. Ububele bakho, Simakade, bukhulu; ngiphilise ngokwezehlulelo zakho. Abangizingelayo nabayizitha zami baningi, kodwa angichezuki emiyalelweni yakho. Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho. Bheka ukuthi ngizithanda kangakanani iziyalezo zakho, Simakade; ngiphilise ngokomusa wakho. Amazwi akho wonke ayiqiniso; zonke izehlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade.
AmaHubo 119:153-160 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho. Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho. Ukusindiswa kukude nababi, ngokuba abafuni izimiso zakho. Ububele bakho, Jehova, bukhulu; ngiphilise ngokwezahlulelo zakho. Abangizingelayo nabayizitha kimi baningi; kepha ebufakazini bakho angichezuki. Lapho ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awagcini izwi lakho. Bheka ukuthi ngithanda kangaka iziyalezo zakho, Jehova; ngiphilise ngokomusa wakho. Amazwi akho onke ayiqiniso; zonke izahlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade.
AmaHubo 119:153-160 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
RESH. Bheka ukuhlupheka kwami, ungisindise, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho. Mela indaba yami, ungisindise; ngiphilise ngokwezwi lakho. Insindiso ikude nababi, ngokuba abafuni izimiso zakho. Ububele bakho bukhulu, Jehova; ngiphilise ngokwezimiso zakho. Baningi abangizingelayo nezitha zami; nokho angichezuki ebufakazini bakho. Ngabona abenzi bobubi, ngadabuka; ngoba kabaligcinanga ilizwi lakho. Bheka ukuthi ngiyithanda kanjani imiyalo yakho; Jehova, ngiphilise ngokomusa wakho. Izwi lakho liqinisile kwasekuqaleni, nezimiso zakho zokulunga zimi phakade.