AMahubo 119:129-160

AMahubo 119:129-160 ZUL20

Ubufakazi bakho buyamangalisa, yingakho umphefumulo wami ubugcina. Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya, kuyabaqondisa abangenalwazi. Ngivula umlomo wami, nginelukuluku, ngokuba ngiyayilangazelela imiyalo yakho. Bheka ngakimi, ube nomusa kimi njengoba wenza kwabathanda iGama lakho. Izinyathelo zami ziqinise ezwini lakho; mangingabuswa nayinye inkohlakalo. Ngihlenge ekucindezelweni ngabantu, ukuze ngizigcine iziyalezo zakho. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho. Kugobhoza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho. Wena Simakade ulungile; izehlulelo zakho ziqotho. Ubufakazi bakho ubuqoke ngokulunga nangokwethembeka okukhulu. Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe ngamazwi akho. Izwi lakho lihloliwe kakhulu, yingakho inceku yakho ilithanda. Ngimncane, ngedelelekile; nokho iziyalezo zakho angizilibali. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso. Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami. Ukulunga kobufakazi bakho kumi ingunaphakade; ngiphe ukuqonda ukuze ngiphile. Ngizwe Simakade, ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizozigcina izimiso zakho. Ngikhala kuwe, ngisindise; ngizobugcina ubufakazi bakho. Ngivuka ekuseni ngovivi ngikhale; ngiyawethemba amazwi akho. Ngiqwasha kuze kube kwesikabhadakazi, ukuze ngizindle ngezwi lakho. Simakade, yizwa izwi lami ngokomusa wakho, ungiphilise ngokwezehlulelo zakho. Bayasondela abalandela inkohlakalo; bakude nomthetho wakho. Wena Simakade useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso. Kade ngazi kwasemandulo ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade. Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angiwukhohlwa umthetho wakho. Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho. Ukusindiswa kukude nezikhohlakali, ngokuba azizifuni izimiso zakho. Ububele bakho, Simakade, bukhulu; ngiphilise ngokwezehlulelo zakho. Abangizingelayo nabayizitha zami baningi, kodwa angichezuki emiyalelweni yakho. Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho. Bheka ukuthi ngizithanda kangakanani iziyalezo zakho, Simakade; ngiphilise ngokomusa wakho. Amazwi akho wonke ayiqiniso; zonke izehlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade.