Ubufakazi bakho buyisimangaliso; ngalokho umphefumulo wami uyabugcina. Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela, ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho. Bheka kimi, ube nomusa kimi njengokufanele abathanda igama lakho. Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho; makungangibusi nobubodwa ububi. Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu, ukuze ngigcine iziyalezo zakho. Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho, ngifundise izimiso zakho. Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami, ngokuba abagcini umthetho wakho. Wena Jehova ulungile; izahlulelo zakho ziqotho. Uyalezile ubufakazi bakho ngokulunga ngokuthembeka okukhulu. Ukushisekela kwami kungidlile, ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho. Izwi lakho licwebile kakhulu; ngalokho inceku yakho iyalithanda. Ngimncane, ngidelelekile; iziyalezo zakho angizikhohlwa. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso. Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami. Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade; ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile. Ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizwe, Jehova; izimiso zakho ngiyakuzigcina. Ngikhala kuwe, ngisindise; ngiyakugcina ubufakazi bakho. Ngiyandulela uvivi lokusa ngikhala; ngiyethemba amazwi akho. Amehlo ami ayandulela imilindo yobusuku ukuba ngizindle ngezwi lakho. Yizwa izwi lami ngokomusa wakho, Jehova, ungiphilise ngokwezahlulelo zakho. Bayasondela abalandela ukonakala; bakude nomthetho wakho. Wena Jehova useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso. Kudala ngazile ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade. Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angikhohlwa umthetho wakho. Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho. Ukusindiswa kukude nababi, ngokuba abafuni izimiso zakho. Ububele bakho, Jehova, bukhulu; ngiphilise ngokwezahlulelo zakho. Abangizingelayo nabayizitha kimi baningi; kepha ebufakazini bakho angichezuki. Lapho ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awagcini izwi lakho. Bheka ukuthi ngithanda kangaka iziyalezo zakho, Jehova; ngiphilise ngokomusa wakho. Amazwi akho onke ayiqiniso; zonke izahlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade.
Funda AmaHubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 119:129-160
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo