AMahubo 119:1-48

AMahubo 119:1-48 ZUL20

Babusisiwe abandlela iqotho, abahamba ngomthetho kaSimakade. Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, abamfuna ngenhlizyo epheleleyo, abangakwenzi okungalungile, kodwa abahamba ezindleleni zakhe. Uyalile ukuba izimiso zakho zigcinwe impela. Sengathi izindlela zami zingagxila ekugcineni izimiso zakho; khona ngingeyukujabha, lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho. Ngizakukubonga ngenhliziyo eqotho, lapho ngifunda izehlulelo zakho ezilungileyo. Ngizozigcina izimiso zakho; uze ungangishiyi. Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke, mangingaphambuki emiyalweni yakho. Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Mawubongwe Wena Simakade, ungifundise izimiso zakho. Ngomlomo wami ngimemezele zonke izehlulelo zomlomo wakho. Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho kungathi ngethabela ingcebo. Ngizozindla ngeziyalezo zakho, ngizihloniphe izindlela zakho. Ngizothokoza ngezimiso zakho; angiyukulikhohlwa izwi lakho. Yenzele okuhle inceku yakho, ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho. Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso ezisemthethweni wakho. Ngingumfokazi emhlabeni, ungangifihleli imiyalo yakho. Umphefumulo wami waphukile, ngokuba ngihlala ngilangazelela izehlulelo zakho. Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho. Susa kimi inhlamba nokweyiswa, ngokuba ngibugcinile ubufakazi bakho. Noma izikhulu zihlala zikhuluma ngami; inceku yakho izindla ngezimiso zakho. Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumeluleki wami. Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. Ngimemezele izindlela zami, Wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho. Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho. Umphefumulo wami uyakhala ngenxa yosizi; ngiqinise ngokwezwi lakho. Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho. Ngiyikhethile indlela yeqiniso; izehlulelo zakho ngizibeke phambi kwami. Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Simakade. Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakungivumela ukuba ngenze kanjalo. Simakade, ngikhombise indlela yezimiso zakho; ngizoyigcina kuze kube sekugcineni. Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke. Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo. Inhliziyo yami yiguqulele ebufakazini bakho, ukuze ngingafuni nzuzo ngokungalungile. Phendula amehlo ami angakuboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho. Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe. Dlulisa kimi inhlamba engiyesabayo, ngokuba izehlulelo zakho zinhle. Ngilangazelela iziyalezo zakho; ngokulunga kwakho ngiphilise. Umusa wakho mawuze kimi, Simakade, insindiso yakho ngokwezwi lakho. Khona ngiyakumphendula ongichukuluzayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho. Ungalisusi emlonyeni wami izwi leqiniso, ngokuba ngiyazethemba izehlulelo zakho. Khona ngiyowugcina njalo umthetho wakho, kuze kube phakade. Ngizohamba ngenkululeko, ngokuba ngifuna iziyalezo zakho. Ngizokhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi. Ngiyathokoza ngemiyalo yakho engiyithandayo. Ngiyakuyihlonipha imiyalo yakho, engiyithandayo, futhi ngizozindla ngezimiso zakho.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 119:1-48