AmaHubo 119:1-48

AmaHubo 119:1-48 ZUL59

Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke, abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe; wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela. Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho. Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho. Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo, lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo. Izimiso zakho ngiyakuzigcina; ungangishiyi nakanci. Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho. Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Mawubongwe wena Jehova, ungifundise izimiso zakho. Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho. Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo. Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho. Yenzele okuhle inceku yakho ukuba ngiphile, ngigcine izwi lakho. Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho. Ngingumfokazi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho. Umphefumulo wami waphukile ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho. Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho. Susa kimi isihlamba nokudelelwa, ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho. Yebo, izikhulu zihlezi zikhuluma ngami; inceku yakho iyazindla ngezimiso zakho. Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumluleki wami. Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. Ngimemezele izindlela zami, wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho. Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho. Umphefumulo wami uyakhala ngosizi; ngivuse ngokwezwi lakho. Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho. Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami. Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Jehova. Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakwandisa inhliziyo yami. Ngitshengise, Jehova, indlela yezimiso zakho; ngiyakuyigcina kuze kube sekupheleni. Ngiphe ingqondo, ukuze ngiqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke. Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo. Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho, kungabi sekuhaheni. Phendula amehlo ami, angaboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho. Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe. Dlulisa isihlamba engisesabayo, ngokuba izahlulelo zakho zinhle. Bheka, ngiyalangazelela iziyalezo zakho; ngiphilise ngokulunga kwakho. Mawuze kimi umusa wakho, Jehova, insindiso yakho ngokwezwi lakho. Khona ngiyakumphendula ongithukayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho. Ungalisusi emlonyeni wami ngokupheleleyo izwi leqiniso, ngokuba ngiyethemba izahlulelo zakho. Khona ngiyakuwugcina njalo umthetho wakho, yebo, kuze kube phakade. Ngiyakuhamba endaweni ebanzi, ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna. Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi. Ngiyakuthokoza ngemiyalo yakho engiyithandileyo. Ngiyakuphakamisela izandla zami kuyo imiyalo yakho engiyithandileyo, ngizindle ngezimiso zakho.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 119:1-48