AMahubo 118:1-29

AMahubo 118:1-29 ZUL20

Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Makathi u-Israyeli: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.” Mayithi indlu ka-Aroni: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.” Mabathi abamesabayo uSimakade: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.” Osizini lwami ngakhuleka kuSimakade, uSimakade wangiphendula, wangihola endaweni ebanzi. USimakade ungakimi, angiyukwesaba, umuntu angangenzani na? USimakade ungakimi ekanye nabangisizayo, ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo. Kuhle ukuphephela kuSimakade kunokwethemba umuntu. Kuhle ukuphephela kuSimakade, kunokwethemba izikhulu. Zonke izizwe zingizungezile, egameni likaSimakade ngizozibhubhisa. Zingiphahlile, yebo, zingizungezile; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa. Zingibunganyele njengezinyosi, zizocinywa njengomlilo wameva; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa. Ungihlohlolozile ukuze ngiwe, kodwa uSimakade uyangisiza. USimakade ungamandla ami, nesihlabelelo sami, ube yinsindiso yami. Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisemathendeni abaqotho, isandla sokunene sikaSimakade sigile izimanga. Esokunene sikaSimakade siphakeme, esokunene sikaSimakade sisebenza ngamandla. Angizukufa; ngizophila, ngishumayele ngemisebenzi kaSimakade. USimakade wangijezisa kanzima, kodwa akanginikelanga ekufeni. Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uSimakade. Yileli isango likaSimakade, olungileyo uyakungena ngalo. Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, ube yinsindiso yami. Itshe abalinqabayo abakhi, selaba yinhloko yegumbi. Lona lavela kuSimakade, liyisimangaliso emehlweni ethu. Yilolu usuku alwenzileyo uSimakade, siyakwethaba, sithokoze ngalo. Sindisa, Simakade, ngiyakuncenga! Hlahlamelisa, Simakade, ngiyakucela! Makabusiswe ozayo egameni likaSimakade, siyanibusisa sisendlini kaSimakade. USimakade unguNkulunkulu, usikhanyisele, hlobisani umkhosi ngamahlamvu, kuze kube sezimpondweni ze-althare. Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakubonga, Nkulunkulu wami, ngiyakuphakamisa. Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 118:1-29

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo