AmaHubo 118:1-29

AmaHubo 118:1-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Makathi u-Israyeli: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.” Mayithi indlu ka-Aroni: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.” Mabathi abamesabayo uSimakade: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.” Osizini lwami ngakhuleka kuSimakade, uSimakade wangiphendula, wangihola endaweni ebanzi. USimakade ungakimi, angiyukwesaba, umuntu angangenzani na? USimakade ungakimi ekanye nabangisizayo, ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo. Kuhle ukuphephela kuSimakade kunokwethemba umuntu. Kuhle ukuphephela kuSimakade, kunokwethemba izikhulu. Zonke izizwe zingizungezile, egameni likaSimakade ngizozibhubhisa. Zingiphahlile, yebo, zingizungezile; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa. Zingibunganyele njengezinyosi, zizocinywa njengomlilo wameva; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa. Ungihlohlolozile ukuze ngiwe, kodwa uSimakade uyangisiza. USimakade ungamandla ami, nesihlabelelo sami, ube yinsindiso yami. Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisemathendeni abaqotho, isandla sokunene sikaSimakade sigile izimanga. Esokunene sikaSimakade siphakeme, esokunene sikaSimakade sisebenza ngamandla. Angizukufa; ngizophila, ngishumayele ngemisebenzi kaSimakade. USimakade wangijezisa kanzima, kodwa akanginikelanga ekufeni. Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uSimakade. Yileli isango likaSimakade, olungileyo uyakungena ngalo. Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, ube yinsindiso yami. Itshe abalinqabayo abakhi, selaba yinhloko yegumbi. Lona lavela kuSimakade, liyisimangaliso emehlweni ethu. Yilolu usuku alwenzileyo uSimakade, siyakwethaba, sithokoze ngalo. Sindisa, Simakade, ngiyakuncenga! Hlahlamelisa, Simakade, ngiyakucela! Makabusiswe ozayo egameni likaSimakade, siyanibusisa sisendlini kaSimakade. USimakade unguNkulunkulu, usikhanyisele, hlobisani umkhosi ngamahlamvu, kuze kube sezimpondweni ze-althare. Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakubonga, Nkulunkulu wami, ngiyakuphakamisa. Bongani uSimakade, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

AmaHubo 118:1-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Makathi u-Israyeli: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.” Mayithi indlu ka-Aroni: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.” Mabathi abamesabayo uJehova: “Yebo, umusa wakhe umi phakade.” Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova, uJehova wangiphendula endaweni ebanzi. UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na? UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo; ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo. Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba umuntu. Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba izikhulu. Bonke abezizwe bayangizungeza; egameni likaJehova ngiyakubachitha. Bayangikaka, yebo, bayangizungeza; egameni likaJehova ngiyakubachitha. Bayangibunganyela njengezinyosi, bacimeka njengomlilo wameva; egameni likaJehova ngiyakubachitha. Bayangihlohloloza ukuba ngiwe, kepha uJehova uyangisiza. UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami, waba yinsindiso yami. Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo; esokunene sikaJehova senza okwamandla. Esokunene sikaJehova siphakeme, esokunene sikaJehova sisebenza ngamandla. Angiyikufa, kepha ngiyakuphila, ngishumayele imisebenzi kaJehova. UJehova wangilaya nokungilaya, kodwa akanginikelanga ekufeni. Ngivuleleni amasango okulunga, ngingene ngawo, ngimdumise uJehova. Yileli isango likaJehova; olungileyo uyakungena ngalo. Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, waba yinsindiso yami. Itshe abalinqabayo abakhi selaba yinhloko yegumbi. Lona lavela kuJehova; liyisimangaliso emehlweni ethu. Yilolu usuku alwenzileyo uJehova; siyakwethaba, sithokoze ngalo. Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga; hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela. Makabusiswe ozayo egameni likaJehova; siyanibusisa sisendlini kaJehova. UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare. Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga; Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa. Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

AmaHubo 118:1-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Dumisani uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Manje u-Israyeli makasho ukuthi umusa wakhe umi phakade. Manje indlu ka-Aroni mayisho ukuthi umusa wakhe umi phakade. Manje abamesabayo uJehova mabasho ukuthi umusa wakhe umi phakade. Ngambiza uJehova ngisekuhluphekeni; uJehova wangiphendula, wangibeka endaweni enkulu. UJehova ungakimi; angiyikwesaba; umuntu angangenzani na? UJehova unesabelo sami nabangisizayo; ngalokho ngiyakubona ukunxanela kwami abangizondayo. Kungcono ukuthembela kuJehova kunokwethemba abantu. Kungcono ukuthembela kuJehova kunokwethemba izikhulu. Zonke izizwe zingihanqile, kodwa ngegama likaJehova ngizozibhubhisa. Zangihaqa; yebo, bangihaqile, kepha egameni likaJehova ngiyakubachitha. Zangihaqa njengezinyosi; bayacinywa njengomlilo wameva, ngokuba ngegama likaJehova ngiyakubabhubhisa. Wangishaya kabuhlungu ukuze ngiwe, kodwa uJehova wangisiza. UJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami. Izwi lenjabulo nelosindiso lisezindlini zabalungileyo: esokunene sikaJehova senza amandla amakhulu. Isandla sokunene sikaJehova siphakeme, esokunene sikaJehova senza amandla amakhulu. Angiyikufa, kepha ngiyakuphila, ngishumayele imisebenzi kaJehova. INkosi yangijezisa kanzima, kodwa ayizange inginikele ekufeni. Ngivulele amasango okulunga; ngizongena ngalo ngidumise uJehova. Leli sango likaJehova abalungileyo abayongena kulo. Ngifuna ukukudumisa, ngoba ungizwile futhi waba yinsindiso yami. Itshe abalinqabayo abakhi laba yinhloko yegumbi. Yilokhu uJehova akwenzayo; kuyamangalisa emehlweni ethu. Lolu wusuku uJehova alwenzileyo; sizojabula futhi sijabule ngakho. O Jehova, sindisa, Jehova, thumela impumelelo. Ubusisiwe ozayo egameni likaJehova; sinibusisile sisendlini kaJehova. UNkulunkulu unguJehova owenza ukuba sibone ukukhanya; bopha umnikelo ngezintambo ezimpondweni ze-altare. Wena unguNkulunkulu wami, futhi ngifuna ukukudumisa; Wena unguNkulunkulu wami, ngizokuphakamisa. Dumisani uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo