AMahubo 105:1-20

AMahubo 105:1-20 ZUL20

Bongani uSimakade, nibize igama lakhe, izenzo zakhe nizazise phakathi kwabantu. Mhlabeleleleni, nimhubele, nikhulume ngazo zonke izimangaliso zakhe. Dumisani igama lakhe elingcwele, mazithokoze izinhliziyo zabafuna uSimakade. Mfuneni uSimakade namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalonjalo. Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezehlulelo zomlomo wakhe, nina bozalo luka-Abhrahama, inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe. Yena unguSimakade uNkulunkulu wethu, izehlulelo zakhe zisemhlabeni wonke. Kuyoze kube phakade esikhumbula isivumelwano sakhe, izwi ayala ngalo izizukulwane ngezizukulwane, avumelana ngaso no-Abhrahama, nesifungo asenza ku-Isaka, wasiqinisa kuJakobe, saba ngumthetho naku-Israyeli saba yisivumelwano esiphakade. Wathi: “Ngizokunika iKhanani, libe yisabelo sefa lakho.” Ngaleso sikhathi babeyingcosana ngenani, yebo, babeseyingcosana, futhi babengabafokazi kulo. Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu. Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo, ethi: “Ningabathinti abagcotshiweyo bami, ningabalimazi abaphrofethi bami.” Lapho ethumela indlala ezweni, kwavaleka umthombo wokudla. Wathumela indoda, yabendulela, uJosefa owathengiswa waba yisigqila, balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi. Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaSimakade lamhola. Inkosi yathumela, yamkhulula, umbusi wabantu wamdedela.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo