AmaHubo 105:1-20

AmaHubo 105:1-20 ZUL59

Bongani uJehova, nibize igama lakhe, nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe. Hlabelelani kuye, nimhubele, nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke. Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mazithokoze izinhliziyo zabamfunayo uJehova. Funani uJehova namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalo. Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezahlulelo zomlomo wakhe, nina nzalo ka-Abrahama inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe. Yena unguJehova uNkulunkulu wethu; izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke. Ukhumbulile isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane, avumelana kuso no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka; wasiqinisa kuJakobe, saba ngumthetho, naku-Israyeli, saba yisivumelwano esiphakade, ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhanani libe yisabelo sefa lakho,” lapho babe yingcosana ngomumo, yebo, lapho babe yingcosana, futhi babe yizihambi kulo. Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu. Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo, ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami, ningoni abaprofethi bami.” Futhi wathuma indlala phezu kwezwe, walwaphula uzime lwesinkwa. Wathuma indoda phambi kwabo: uJosefa wathengiswa abe yisigqila. Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi. Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe, izwi likaJehova lamhola. Inkosi yathuma yamthukulula, umbusi wabantu wamkhulula.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo