AMahubo 104

104
Ihubo Lokudumisa UMdali Wezinto Zonke
1Mbonge uSimakade, mphefumulo wami,
Simakade Nkulunkulu wami, umkhulu,
wembethe udumo nobukhosi,
2wembethe ukukhanya njengengubo,
weneka izulu njengendwangu.
3Ubeka imishayo yezindlu zakhe emanzini,
wenza amafu abe yinqola yakhe,
uhamba ngamaphiko omoya,
4wenza umoya ube yizithunywa zakhe,
izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.
5Umhlaba uwumise phezu kwezisekelo zawo,
ukuze unganyakaziswa
kuze kube phakade naphakade.
6Wawumboza ngolwandle njengengubo,
amanzi ema phezu kwezintaba.
7Ngokukhuza kwakho abaleka,
ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.
8Enyuka izintaba, ehla izigodi,
aze afika endaweni owawuyimisele wona.
9Uwamisele umngcele ukuba angaweqi,
angabuyi ukuzosibekela umhlaba.
10Uthumela imithombo ezigodini,
yona igijima phakathi kwezintaba.
11Iphuzisa izilwane zonke zasendle,
izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo.
12Izinyoni zezulu zakhe ngakuyo,
zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha.
13Uchelela izintaba ngokuvela emakamelweni
akhe aphezulu,
umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.
14Uhlumisela izinkomo utshani
nemifino yokusiza umuntu,
ukuze athole ukudla okuvela emhlabeni,
15newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu,
namafutha okukhazimulisa ubuso,
nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.
16Imithi kaSimakade iyasuthisa,
imisedari eLebhanoni ayitshalileyo,
17kwakhela kuyo izinyoni,
unogolantethe unesidleke kuyo imisayiphuresi.
18Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle,
amawa ayisiphephelo sezimbila.
19Wenza inyanga ukuba ibe
ngeyokwehlukanisa izinkathi,
ilanga liyazi ukuthi lishona nini.
20Ubumnyama wenza ukuba bube wubusuku,
phakathi kwabo izilo zonke
zasehlathini ziyaphuma.
21Amabhongo amabhubesi agwavumele inyamazane,
efuna ukudla kwawo kuNkulunkulu.
22Kuthi ngokuphuma kwelanga
abuyele phansi emiphandwini yawo, alale.
23Kube sekuphuma umuntu,
aye emsebenzini wakhe
nasemshikashikeni wakhe,
kuze kuhlwe.
24Simakade, yaze yaba miningi
imisebenzi yakho,
yonke uyenze ngokuhlakanipha;
umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
25Bheka nje ulwandle, lukhulu, lubanzi,
kulo kukhona izilwanyana
ezinwabuzelayo ezingenakubalwa,
izilwane ezincane nezinkulu.
26Kulo kuntweza imikhumbi,
inkanyamba yasolwandle oyidalileyo idlala kulo.
27Zonke lezi zidalwa zibheke Wena,
ukuze uzinike ukudla kwazo
ngesikhathi esifaneleyo.
28Uyazinika ukudla, zikubuthe;
uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle.
29Uyasitheza ubuso bakho, zethuke,
uyasusa umphefumulo wazo, zife,
zibuyele othulini lwazo.
30Uyathumela umoya wakho, zidalwe;
wenza bube busha ubuso bomhlaba.
31Inkamulo kaSimakade mayime
kuze kube phakade;
uSimakade makathokoze ngemisebenzi yakhe,
32Yena obheka umhlaba, maqede uthuthumele,
athinte izintaba, zithunqe.
33Ngizomhubela uSimakade,
inqobo nje uma ngisaphila.
Ngizohlabelelela uNkulunkulu wami ngisekhona.
34Kwangathi izizindlo zami zingamthokozisa,
ngokuba ukuthokoza kwami kukuSimakade.
35Izoni maziphele emhlabeni,
kungabe kusaba bikho zikhohlakali.
Mbonge uSimakade, mphefumulo wami,
Haleluya!

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 104: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume