AMahubo 102:14-28

AMahubo 102:14-28 ZUL20

Ngokuba izinceku zakho ziyathokoza ngamatshe alo, ziyadabuka ngothuli lwalo. Yikhona abezizwe bezolesaba igama likaSimakade, namakhosi wonke omhlaba, inkazimulo yakho. Ngokuba uSimakade ulakhile iZiyoni, ubonakele enkazimulweni yakhe. Wawunaka umkhuleko wabangenalutho, akaze awedelela umthandazo wabo. Lokhu makulotshelwe isizukulwane, ukuze abantu abangakazalwa bamdumise uSimakade. USimakade wabuka phansi, esekuphakameni ezulwini, endaweni yakhe engcwele, wabuka emhlabeni ukuba ezwe ukububula kweziboshwa, akhulule labo abase beqonde ekufeni, ukuze igama likaSimakade lishunyayelwe eZiyoni, nodumo lwakhe, eJerusalema, lapho izizwe zibuthana ndawonye nemibuso, ukuzodumisa uSimakade. Wanciphisa amandla ami endleleni, wafinyeza izinsuku zami. Ngithi: “Nkulunkulu wami, uze ungangithathi ngisemncane, Wena ominyaka yakho ihlezi izizukulwane ngezizukulwane. Izisekelo zomhlaba wazibeka kwasemandulo, namazulu angumsebenzi wezandla zakho. Kuyobhubha lokhu, kodwa Wena uyokuma, konke kuyoguga njengengubo, njengesembatho, uyokuguqula kushabalale, kepha Wena unguwe njalo, iminyaka yakho ayinasiphetho. Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala, izizukulwane zabo ziyovikeleka phambi kwakho.”