AmaHubo 102:14-28

AmaHubo 102:14-28 ZUL59

Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo, zihawukele uthuli lwalo. Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova, amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho. Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni, ubonakele enkazimulweni yakhe; wanaka umkhuleko wabangenalutho, engawudeleli umthandazo wabo. Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo; abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova. Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele, wabuka umhlaba esezulwini ukuba ezwe ukububula kwesiboshwa, akhulule abantwana bokufa, ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehova nodumo lwakhe eJerusalema, nxa izizwe zibuthana ndawonye kanye nemibuso ukumkhonza uJehova. Wanciphisa amandla ami endleleni, wafinyeza izinsuku zami. Ngithi: “Nkulunkulu wami, ungangisusi enxenyeni yezinsuku zami; iminyaka yakho isezizukulwaneni ngezizukulwane. Endulo wawusekela umhlaba, izulu lingumsebenzi wezandla zakho. Kuyakubhubha lokhu, kepha uyakuma; yebo, kuyakuguga konke njengengubo; njengesambatho uyakukuguqula, kuguqulwe. Kepha unguwe njalo, iminyaka yakho ayiyikuphela. Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala; inzalo yabo iyakuma phambi kwakho.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo