AmaHubo 102:14-28
AmaHubo 102:14-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba izinceku zakho ziyathokoza ngamatshe alo, ziyadabuka ngothuli lwalo. Yikhona abezizwe bezolesaba igama likaSimakade, namakhosi wonke omhlaba, inkazimulo yakho. Ngokuba uSimakade ulakhile iZiyoni, ubonakele enkazimulweni yakhe. Wawunaka umkhuleko wabangenalutho, akaze awedelela umthandazo wabo. Lokhu makulotshelwe isizukulwane, ukuze abantu abangakazalwa bamdumise uSimakade. USimakade wabuka phansi, esekuphakameni ezulwini, endaweni yakhe engcwele, wabuka emhlabeni ukuba ezwe ukububula kweziboshwa, akhulule labo abase beqonde ekufeni, ukuze igama likaSimakade lishunyayelwe eZiyoni, nodumo lwakhe, eJerusalema, lapho izizwe zibuthana ndawonye nemibuso, ukuzodumisa uSimakade. Wanciphisa amandla ami endleleni, wafinyeza izinsuku zami. Ngithi: “Nkulunkulu wami, uze ungangithathi ngisemncane, Wena ominyaka yakho ihlezi izizukulwane ngezizukulwane. Izisekelo zomhlaba wazibeka kwasemandulo, namazulu angumsebenzi wezandla zakho. Kuyobhubha lokhu, kodwa Wena uyokuma, konke kuyoguga njengengubo, njengesembatho, uyokuguqula kushabalale, kepha Wena unguwe njalo, iminyaka yakho ayinasiphetho. Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala, izizukulwane zabo ziyovikeleka phambi kwakho.”
AmaHubo 102:14-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo, zihawukele uthuli lwalo. Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova, amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho. Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni, ubonakele enkazimulweni yakhe; wanaka umkhuleko wabangenalutho, engawudeleli umthandazo wabo. Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo; abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova. Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele, wabuka umhlaba esezulwini ukuba ezwe ukububula kwesiboshwa, akhulule abantwana bokufa, ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehova nodumo lwakhe eJerusalema, nxa izizwe zibuthana ndawonye kanye nemibuso ukumkhonza uJehova. Wanciphisa amandla ami endleleni, wafinyeza izinsuku zami. Ngithi: “Nkulunkulu wami, ungangisusi enxenyeni yezinsuku zami; iminyaka yakho isezizukulwaneni ngezizukulwane. Endulo wawusekela umhlaba, izulu lingumsebenzi wezandla zakho. Kuyakubhubha lokhu, kepha uyakuma; yebo, kuyakuguga konke njengengubo; njengesambatho uyakukuguqula, kuguqulwe. Kepha unguwe njalo, iminyaka yakho ayiyikuphela. Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala; inzalo yabo iyakuma phambi kwakho.”
AmaHubo 102:14-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba izinceku zakho zijabulela amatshe alo, zithokozile othulini lwazo. Ngalokho izizwe ziyakulesaba igama likaJehova, nawo onke amakhosi omhlaba inkazimulo yakho. Lapho uJehova elakha iZiyoni, uzabonakala enkazimulweni yakhe. Uyawuhlonipha umkhuleko wabampofu, angawudeleli umthandazo wabo. Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo, futhi abantu abayodalwa bayomdumisa uJehova. Ngokuba wabheka phansi esendaweni yakhe engcwele; uJehova wawubona umhlaba esezulwini; Ukuze uzwe ukukhala kwesiboshwa; ukukhulula abamiselwe ukufa; ukumemezela igama likaJehova eSiyoni nodumo lwakhe eJerusalema; Lapho izizwe nemibuso ibuthana ukukhonza uJehova. Wehlisela amandla ami endleleni; uzifinyezile izinsuku zami. Ngathi: “Nkulunkulu wami, ungangisusi phakathi nezinsuku zami; Iminyaka yakho isukela ezizukulwaneni ngezizukulwane. Endulo wawusekela umhlaba, lamazulu angumsebenzi wezandla zakho. Ziyakubhubha, kepha wena uyakuma; yebo, bonke bayoguga njengengubo; kumelwe uziguqule njengengubo, futhi zizoguqulwa. Kodwa wena uyafana, neminyaka yakho ayiyikuphela. Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala, nenzalo yabo ime phambi kwakho.