Hlokoma kuSimakade ngezwi lokuhalalisa, mhlaba wonke. Mkhonzeni uSimakade ngokwethaba, nisondele phambi kwakhe, nihuba ngentokozo. Yazini ukuthi uSimakade unguNkulunkulu; nguYena osidalileyo, asizidalanga thina, singabantu bakhe, nezimvu zedlelo lakhe. Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa, mbongeni, nidumise igama lakhe.
Funda AMahubo 100
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 100:1-4
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo