IZaga 8:1-36

IZaga 8:1-36 ZUL20

Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akuvezi yini ilaka lakho na? Kumi ezindaweni eziphakemeyo ngasendleleni, kwakhile ngaseziphambanweni zezindlela, ngasekungeneni, emasangweni omuzi kuyamemeza, kuthi: “Ngiyanibiza nina bantu; izwi lami liqondiswe kubantwana babantu. Nina eningenalwazi qondani ukuhlakanipha; nani ziwula, yibani nenhliziyo eqondayo. Lalelani izinto ezinkulu engizikhulumayo; amazwi aphuma ezindebeni zomlomo wami angubuqotho, ngokuba umlomo wami uzakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami. Wonke amazwi avela emlonyeni wami angukulunga; akukho lutho kuwo okuyisigwegwe nokuphambeneyo. Kumuntu oqondayo wonke aqondile, alungile kulowo othole ulwazi. Yamukelani ukuyala kwami kunesiliva, nolwazi, kunegolide lekhethelo, ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunobucwebecwebe, akukho lutho olunye olufiswayo olungaqhathaniswa nakho. Mina kuhlakanipha ngihlala ekuqondeni, ngithola ulwazi namasu. Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda. Kimina kuneseluleko nokuhlakanipha, ngingukuqonda, namandla angawami. Amakhosi abusa ngami, nababusi bashaya imithetho elungile ngami. Izikhulu zibusa ngami, namakhosana, nabo bonke abehluleli bomhlaba. Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana. Ingcebo, udumo, nomnotho omningi nokulunga, kukimi. Isithelo sami sihle kunegolide, kunegolide elicolisekileyo, nenzuzo yami, kunesiliva lekhethelo. Ngihamba endleleni yokulunga, emikhondweni yobulungiswa, labo abangithandayo ngibanika ifa, ngigcwalise izinqolobane zabo zengcebo. “USimakade wangidala kuqala kunayo yonke imisebenzi yakhe; ngingowokuqala emisebenzini yakhe. Wangimisa kwasemandulo, ekuqaleni, ngaphambi kokusekelwa komhlaba. Zingakabi bikho izinzulu nemithombo egcwele amanzi, ngazalwa. Zingakasekelwa izintaba nangaphambi kokuba amagquma abe khona, ngazalwa, ngaphambi kokuba enze umhlaba namasimu, nohlamvu lokuqala lothuli lomhlaba. Ngesikhathi ehlela amazulu ngangikhona; nalapho edweba isiyingi ezinzulwini otweni. Lapho enza isibhakabhaka phezulu siqine, nangesikhathi imithombo yezinzulu iphuphuma ngamandla; lapho emisela ulwandle umkhawulo, ukuze amanzi angeqi umyalo wakhe; lapho emisa izisekelo zomhlaba, ngangiseduze kwakhe, ngiyingcweti yomsebenzi, ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla, ngiyintokozo yakhe, ngidlala phambi kwakhe sonke isikhathi. Ngajabula kuyo yonke indawo emhlabeni wakhe, intokozo yami yayikanye nabantwana babantu. “Ngakho-ke bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami. Lalelani ukuyalwa, nenze ngokuhlakanipha; ningakushayi indiva. Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, alinde imihla ngemihla emasangweni ami, ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami. Ngokuba ongifunayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuSimakade. Kodwa lowo owehluleka ukungifumana, uzigwaza ngowakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”

Funda IZaga 8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo