IzAga 8:1-36

IzAga 8:1-36 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akuvezi yini ilaka lakho na? Kumi ezindaweni eziphakemeyo ngasendleleni, kwakhile ngaseziphambanweni zezindlela, ngasekungeneni, emasangweni omuzi kuyamemeza, kuthi: “Ngiyanibiza nina bantu; izwi lami liqondiswe kubantwana babantu. Nina eningenalwazi qondani ukuhlakanipha; nani ziwula, yibani nenhliziyo eqondayo. Lalelani izinto ezinkulu engizikhulumayo; amazwi aphuma ezindebeni zomlomo wami angubuqotho, ngokuba umlomo wami uzakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami. Wonke amazwi avela emlonyeni wami angukulunga; akukho lutho kuwo okuyisigwegwe nokuphambeneyo. Kumuntu oqondayo wonke aqondile, alungile kulowo othole ulwazi. Yamukelani ukuyala kwami kunesiliva, nolwazi, kunegolide lekhethelo, ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunobucwebecwebe, akukho lutho olunye olufiswayo olungaqhathaniswa nakho. Mina kuhlakanipha ngihlala ekuqondeni, ngithola ulwazi namasu. Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda. Kimina kuneseluleko nokuhlakanipha, ngingukuqonda, namandla angawami. Amakhosi abusa ngami, nababusi bashaya imithetho elungile ngami. Izikhulu zibusa ngami, namakhosana, nabo bonke abehluleli bomhlaba. Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana. Ingcebo, udumo, nomnotho omningi nokulunga, kukimi. Isithelo sami sihle kunegolide, kunegolide elicolisekileyo, nenzuzo yami, kunesiliva lekhethelo. Ngihamba endleleni yokulunga, emikhondweni yobulungiswa, labo abangithandayo ngibanika ifa, ngigcwalise izinqolobane zabo zengcebo. “USimakade wangidala kuqala kunayo yonke imisebenzi yakhe; ngingowokuqala emisebenzini yakhe. Wangimisa kwasemandulo, ekuqaleni, ngaphambi kokusekelwa komhlaba. Zingakabi bikho izinzulu nemithombo egcwele amanzi, ngazalwa. Zingakasekelwa izintaba nangaphambi kokuba amagquma abe khona, ngazalwa, ngaphambi kokuba enze umhlaba namasimu, nohlamvu lokuqala lothuli lomhlaba. Ngesikhathi ehlela amazulu ngangikhona; nalapho edweba isiyingi ezinzulwini otweni. Lapho enza isibhakabhaka phezulu siqine, nangesikhathi imithombo yezinzulu iphuphuma ngamandla; lapho emisela ulwandle umkhawulo, ukuze amanzi angeqi umyalo wakhe; lapho emisa izisekelo zomhlaba, ngangiseduze kwakhe, ngiyingcweti yomsebenzi, ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla, ngiyintokozo yakhe, ngidlala phambi kwakhe sonke isikhathi. Ngajabula kuyo yonke indawo emhlabeni wakhe, intokozo yami yayikanye nabantwana babantu. “Ngakho-ke bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami. Lalelani ukuyalwa, nenze ngokuhlakanipha; ningakushayi indiva. Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, alinde imihla ngemihla emasangweni ami, ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami. Ngokuba ongifunayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuSimakade. Kodwa lowo owehluleka ukungifumana, uzigwaza ngowakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”

Dlulisela
Funda IzAga 8

IzAga 8:1-36 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akukhiphi izwi lakho na? Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo, ngasendleleni phakathi kwemikhondo. Ngaseceleni kwamasango, ngasekungeneni komuzi, lapho kungenwa ngeminyango, kuyamemeza ngokuthi: “Ngiyanibiza nina madoda; izwi lami likumadodana abantu. Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi; nani ziwula, manibe nenhliziyo eqondileyo. Zwanini, ngokuba ngiyakulanda okukhulu; ukukhamisa kwezindebe zami kuyakuba ngokulungileyo. Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami. Onke amazwi omlomo wami asekulungeni; akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo. Aqondile onke koqondayo; alungile kothola ukwazi. Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva, nokwazi kunegolide elikhethekileyo. Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi,* nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho. Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni, ngithola ukwazi namasu. Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda. Kimina kukhona ukululeka nempumelelo; ngingukuqonda, nginamandla. Amakhosi abusa ngami, nababusi bamisa ukulunga. Izikhulu zibusa ngami, namakhosana, bonke abahluleli bomhlaba. Ngiyathanda abangithandayo; abangifunayo bayakungifumana. Ingcebo nodumo kukimi, ukunotha okumiyo nokulunga. Isithelo sami sihle kunegolide, kunegolide elicwengekileyo, nenzuzo yami kunesiliva elikhethekileyo. Ngiyahamba endleleni yokulunga, phakathi kwemikhondo yokwahlulela, ukuze ngenze abangithandayo badle ifa lemfuyo, ngigcwalise izindlu zabo zengcebo. “UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhe ngaphambi kwemisebenzi yamandulo. Ngamiswa kwaphakade kwasekuqaleni, umhlaba ungakabikho. Lungakabikho utwa ngazalwa, ingakabikho imithombo egcwele amanzi. Zingakasekelwa izintaba, namagquma engakabikho, ngazalwa, engakawenzi umhlaba namasimu, nokuqala kothuli lwezwe. Ekulungiseni kwakhe izulu ngangikhona, nasekudwebeni kwakhe umkhathi ebusweni botwa. Lapho enza ukuba isibhakabhaka phezulu siqine, nemithombo yotwa iphuphume ngamandla, lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba, khona nganginaye ngiyingcweti yomsebenzi, ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla, ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke, ngijabula ezweni lomhlaba wakhe, intokozo yami ikanye namadodana abantu. “Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami. Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi. Ubusisiwe umuntu ongizwayo, elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami. Ngokuba ongifumanayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova. Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”

Dlulisela
Funda IzAga 8

IzAga 8:1-36 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ukuhlakanipha akukhali na? futhi isizathu sezwakala izwi lakhe? Umi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo, ngasendleleni ezindaweni zezindlela. Ibiza emasangweni, ekungeneni komuzi, ekungeneni kweminyango. Ngiyanibiza, madoda; futhi izwi lami libhekise kubantwana babantu. Nina bangenalwazi, qondani ukuhlakanipha, nani ziwula, hlakaniphani ngenhliziyo. Yizwani; ngoba ngizokhuluma izinto ezinhle kakhulu; nokuvulwa kwezindebe zami kuyoba yizinto zangempela. Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami. Wonke amazwi omlomo wami asekulungeni; akukho okubi noma okuphambene kuzo. Wonke acacile kwabahlakaniphileyo, alungile kwabathola ukwazi. Yamukelani ukulaywa kwami, hatshi isiliva; nolwazi kunegolide elihle. Ngokuba ukuhlakanipha kungcono kunamarubi; futhi zonke izinto ezifiselekayo azinakuqhathaniswa nawo. Mina ukuhlakanipha kuhlezi ekuzwisiseni, ngithole ulwazi lwamacebo. Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzidla, nendlela embi, nomlomo omubi, ngiyawuzonda. Iseluleko singesami nokuhlakanipha okuphelele; Nginengqondo; Nginamandla. Ngami amakhosi abusa, nezikhulu zinquma ubulungisa. Izikhulu nezinduna zibusa ngami, bonke abahluleli bomhlaba. Ngiyabathanda abangithandayo; futhi labo abaNgifuna kusenesikhathi bayongithola. Ingcebo nodumo kukimi; yebo, ingcebo ehlala njalo nokulunga. Izithelo zami zingcono kunegolide, yebo, kunegolide elihle; nenzuzo yami injengesiliva lekhethelo. Ngihamba endleleni yokulunga, phakathi kwemikhondo yokulunga. Ukuze abangithandayo ngibenzele ifa lokuhle; ngigcwalise ingcebo yabo. UJehova wangizuza ngingukuqala kwendlela yakhe, ngaphambi kwemisebenzi yakhe yasendulo. Mina ngamiswa kwaphakade, kusukela ekuqaleni, lapho umhlaba ukhona. Lapho zingasekho ukujula, ngazalwa; lapho kwakungekho mithombo egcwele amanzi. Izintaba zingakaqiniswa, amagquma engakazalwa; Engakawenzi umhlaba, namasimu, nezingxenye eziphakemeyo zothuli lwezwe. Lapho elungisa izulu, ngangikhona; Lapho eqinisa amafu phezulu, lapho eqinisa imithombo kazamcolo wezwe. Lapho eyala ulwandle ukuba amanzi angeqi umyalo wakhe, lapho emisa izisekelo zomhlaba. Ngase nginaye, njengomuntu owondliwa kanye naye; Thokozani ngengxenye yomhlaba wakhe; intokozo yami yayikubantwana babantu. Ngizweni, bantwana, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami. Lalela ukulaywa uhlakaniphe ungakulahli. Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, olinda emasangweni ami imihla yonke, alinde ezinsikeni zeminyango yami. Ngoba lowo ongitholayo uthola ukuphila njalo uzazuza umusa eNkosini. Kodwa owona kimi ulimaza umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.

Dlulisela
Funda IzAga 8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo