IZaga 8:1-22

IZaga 8:1-22 ZUL20

Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akuvezi yini ilaka lakho na? Kumi ezindaweni eziphakemeyo ngasendleleni, kwakhile ngaseziphambanweni zezindlela, ngasekungeneni, emasangweni omuzi kuyamemeza, kuthi: “Ngiyanibiza nina bantu; izwi lami liqondiswe kubantwana babantu. Nina eningenalwazi qondani ukuhlakanipha; nani ziwula, yibani nenhliziyo eqondayo. Lalelani izinto ezinkulu engizikhulumayo; amazwi aphuma ezindebeni zomlomo wami angubuqotho, ngokuba umlomo wami uzakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami. Wonke amazwi avela emlonyeni wami angukulunga; akukho lutho kuwo okuyisigwegwe nokuphambeneyo. Kumuntu oqondayo wonke aqondile, alungile kulowo othole ulwazi. Yamukelani ukuyala kwami kunesiliva, nolwazi, kunegolide lekhethelo, ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunobucwebecwebe, akukho lutho olunye olufiswayo olungaqhathaniswa nakho. Mina kuhlakanipha ngihlala ekuqondeni, ngithola ulwazi namasu. Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda. Kimina kuneseluleko nokuhlakanipha, ngingukuqonda, namandla angawami. Amakhosi abusa ngami, nababusi bashaya imithetho elungile ngami. Izikhulu zibusa ngami, namakhosana, nabo bonke abehluleli bomhlaba. Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana. Ingcebo, udumo, nomnotho omningi nokulunga, kukimi. Isithelo sami sihle kunegolide, kunegolide elicolisekileyo, nenzuzo yami, kunesiliva lekhethelo. Ngihamba endleleni yokulunga, emikhondweni yobulungiswa, labo abangithandayo ngibanika ifa, ngigcwalise izinqolobane zabo zengcebo. “USimakade wangidala kuqala kunayo yonke imisebenzi yakhe; ngingowokuqala emisebenzini yakhe.

Funda IZaga 8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo