IzAga 8:1-22

IzAga 8:1-22 ZUL59

Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akukhiphi izwi lakho na? Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo, ngasendleleni phakathi kwemikhondo. Ngaseceleni kwamasango, ngasekungeneni komuzi, lapho kungenwa ngeminyango, kuyamemeza ngokuthi: “Ngiyanibiza nina madoda; izwi lami likumadodana abantu. Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi; nani ziwula, manibe nenhliziyo eqondileyo. Zwanini, ngokuba ngiyakulanda okukhulu; ukukhamisa kwezindebe zami kuyakuba ngokulungileyo. Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami. Onke amazwi omlomo wami asekulungeni; akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo. Aqondile onke koqondayo; alungile kothola ukwazi. Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva, nokwazi kunegolide elikhethekileyo. Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi,* nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho. Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni, ngithola ukwazi namasu. Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda. Kimina kukhona ukululeka nempumelelo; ngingukuqonda, nginamandla. Amakhosi abusa ngami, nababusi bamisa ukulunga. Izikhulu zibusa ngami, namakhosana, bonke abahluleli bomhlaba. Ngiyathanda abangithandayo; abangifunayo bayakungifumana. Ingcebo nodumo kukimi, ukunotha okumiyo nokulunga. Isithelo sami sihle kunegolide, kunegolide elicwengekileyo, nenzuzo yami kunesiliva elikhethekileyo. Ngiyahamba endleleni yokulunga, phakathi kwemikhondo yokwahlulela, ukuze ngenze abangithandayo badle ifa lemfuyo, ngigcwalise izindlu zabo zengcebo. “UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhe ngaphambi kwemisebenzi yamandulo.

Funda IzAga 8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo