IZaga 4:1-9

IZaga 4:1-9 ZUL20

Yizwani madodana ami, ukuyala kukayihlo, nilalelelisise, ukuze nazi ukuqonda. Ngokuba ngininika imfundiso enhle; ningawushayi indiva umthetho wami. Ngokuba ngangiyindodana kababa, ngintekentekana, futhi ngingedwa kumame, wangifundisa, wathi, kimi: “Inhliziyo yakho mayibambelele emazwini ami, ugcine imiyalelo yami, uphile. Zuza ukuhlakanipha, uzuze ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami; ungakushiyi, kuyakukugcina; kuthande, kuyakukulondoloza. Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo, zuza ukuqonda. Kuhloniphe, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona. Kuyakukufaka umqhele womusa ekhanda lakho, kukunike umqhele wodumo.”

Funda IZaga 4