IzAga 4:1-9
IzAga 4:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yizwani madodana ami, ukuyala kukayihlo, nilalelelisise, ukuze nazi ukuqonda. Ngokuba ngininika imfundiso enhle; ningawushayi indiva umthetho wami. Ngokuba ngangiyindodana kababa, ngintekentekana, futhi ngingedwa kumame, wangifundisa, wathi, kimi: “Inhliziyo yakho mayibambelele emazwini ami, ugcine imiyalelo yami, uphile. Zuza ukuhlakanipha, uzuze ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami; ungakushiyi, kuyakukugcina; kuthande, kuyakukulondoloza. Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo, zuza ukuqonda. Kuhloniphe, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona. Kuyakukufaka umqhele womusa ekhanda lakho, kukunike umqhele wodumo.”
IzAga 4:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda. Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle; ningawushiyi umthetho wami. Ngokuba ngangiyindodana kubaba, ethambileyo neyodwa emehlweni kamame. Wangifundisa, wathi kimi: “Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami; gcina imiyalo yami, uphile. Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami; ungakushiyi, kuyakukugcina; kuthande, kuyakukulondoloza. Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha. Kukhulise, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona. Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa, kunikeze kuwe umqhele wodumo.”
IzAga 4:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bantwana, yizwani ukulaya kukayise, nilalele ukuze nifunde ukwazi ukuqonda. Ngokuba ngininika imfundiso enhle, ningawushiyi umthetho wami. Ngokuba ngangiyindodana kababa, ngithambile, ngithandekayo emehlweni kamama. Futhi wangifundisa, wathi kimi: Inhliziyo yakho mayigcine amazwi ami; gcina imiyalo yami nokuphila. Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakukhohlwa; futhi ungasuki emazwini omlomo wami. Ungamshiyi, futhi uyokugcina; mthande, futhi uyokugcina. Ukuhlakanipha kuyinto ebaluleke kakhulu; ngakho-ke zuza ukuhlakanipha, futhi uzuze ukuqonda ngakho konke ukuqonda kwakho. Yiphakamise, yona izakuphakamisa; uzokuhlonipha uma umgona. Buzanika ikhanda lakho umqhele womusa; uyakukunika umqhele wenkazimulo.