IZaga 31:10-31

IZaga 31:10-31 ZUL20

Ngubani ongathola umfazi woqobo na? Uyigugu eledlula inani lamarubhi. Inhliziyo yomyeni wakhe iyamethemba, ayiyukulahlekelwa yinzuzo. Uyayenzela okuhle, hhayi okubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe. Ufuna uboya bezimvu nefilakisi, asebenze ngokuzimisela ngezandla zakhe. Unjengemikhumbi yabahwebi, ukudla kwakhe ukulanda kwelikude izwe. Uvuka ngovivi alungisele umndeni wakhe ukudla, abele amantombazane amsizayo imisebenzi azoyenza. Ubona insimu, ayithenge; ngezikhwepha zakhe, utshala isivini. Ubhinca amandla okhalo lwakhe, aqinise izingalo zakhe. Uyaqaphela ukuthi akwenzayo kunenzuzo, isibani sakhe asincinywa nasebusuku. Ubeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo, neminwe yakhe ibamba insimbi kakotini. Uyamvulela ohluphekayo isandla sakhe, yebo, uyabapha nabantulayo. Akanaluvalo ngabendlu yakhe ngesikhathi seqhwa, ngokuba umndeni wakhe uwugqokisa ezibubende. Uyazenzela izingubo zokuzemboza; izembatho zelineni elicolekileyo nokubukhwebezane. Indoda yakhe iyahlonishwa emasangweni ngesikhathi ihleli namalunga ezwe. Wenza izingubo zelineni, azithengise, athengisele abahwebi amabhande. Wembethe amandla nesithunzi, isikhathi esizayo usemukela ngentokozo. Uma evula umlomo wakhe kuphuma ukuhlakanipha, nesifundiso somusa sisolimini lwakhe. Unakekela okwenzeka emzini wakhe, akasidli isinkwa sobuvila. Abantwana bakhe bayasukuma bambusise; nendoda yakhe iyamtusa, ithi: “Baningi abesifazane abakhutheleyo, kepha wena ubedlula bonke.” Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uSimakade uyakudunyiswa. Mnike isabelo emsebenzini wezandla zakhe, mabawudumise umsebenzi wakhe emasangweni.

Funda IZaga 31

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IZaga 31:10-31