IzAga 31:10-31

IzAga 31:10-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngubani ongathola umfazi woqobo na? Uyigugu eledlula inani lamarubhi. Inhliziyo yomyeni wakhe iyamethemba, ayiyukulahlekelwa yinzuzo. Uyayenzela okuhle, hhayi okubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe. Ufuna uboya bezimvu nefilakisi, asebenze ngokuzimisela ngezandla zakhe. Unjengemikhumbi yabahwebi, ukudla kwakhe ukulanda kwelikude izwe. Uvuka ngovivi alungisele umndeni wakhe ukudla, abele amantombazane amsizayo imisebenzi azoyenza. Ubona insimu, ayithenge; ngezikhwepha zakhe, utshala isivini. Ubhinca amandla okhalo lwakhe, aqinise izingalo zakhe. Uyaqaphela ukuthi akwenzayo kunenzuzo, isibani sakhe asincinywa nasebusuku. Ubeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo, neminwe yakhe ibamba insimbi kakotini. Uyamvulela ohluphekayo isandla sakhe, yebo, uyabapha nabantulayo. Akanaluvalo ngabendlu yakhe ngesikhathi seqhwa, ngokuba umndeni wakhe uwugqokisa ezibubende. Uyazenzela izingubo zokuzemboza; izembatho zelineni elicolekileyo nokubukhwebezane. Indoda yakhe iyahlonishwa emasangweni ngesikhathi ihleli namalunga ezwe. Wenza izingubo zelineni, azithengise, athengisele abahwebi amabhande. Wembethe amandla nesithunzi, isikhathi esizayo usemukela ngentokozo. Uma evula umlomo wakhe kuphuma ukuhlakanipha, nesifundiso somusa sisolimini lwakhe. Unakekela okwenzeka emzini wakhe, akasidli isinkwa sobuvila. Abantwana bakhe bayasukuma bambusise; nendoda yakhe iyamtusa, ithi: “Baningi abesifazane abakhutheleyo, kepha wena ubedlula bonke.” Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uSimakade uyakudunyiswa. Mnike isabelo emsebenzini wezandla zakhe, mabawudumise umsebenzi wakhe emasangweni.

Dlulisela
Funda IzAga 31

IzAga 31:10-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na? Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.* Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye; ayiyikuswela inzuzo. Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe. Ufuna uboya bezimvu nefilakisi;* usebenza ngezandla ezivumayo. Unjengemikhumbi yabathengi; ulanda kude ukudla kwakhe. Uyavuka kuse sebusuku, aphe abendlu yakhe ukudla namantombazana akhe imisebenzi yawo. Ucabanga ngensimu, ayithenge; ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini, Uyabhinca okhalweni amandla; uyaqinisa izingalo zakhe. Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo; isibani sakhe asicimeki nasebusuku. Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo, neminwe yakhe ibamba insimbi. Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe, yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe. Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane; ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu. Uyazenzela izindwangu ezimbozayo; izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende. Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, lapho ihlezi namalunga ezwe. Wenza izingubo zelineni, athengise ngazo, anikele kubathengi amabhande.* Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe; uhleka usuku oluzayo. Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe. Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe, akadli isinkwa sobuvila. Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi: “Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke.” Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa. Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.

Dlulisela
Funda IzAga 31

IzAga 31:10-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngubani ongathola umfazi oqotho? ngoba intengo yakhe idlula kakhulu amarubi. Inhliziyo yomyeni wakhe ithembele kuye ngokulondeka, ukuze angadingi kuphangwa. Uyoyenzela okuhle hhayi okubi zonke izinsuku zokuphila kwakhe. Ufuna uboya bezimvu nefilakisi futhi asebenze ngokuzithandela ngezandla zakhe. Unjengemikhumbi yabathengisi; uletha ukudla kwakhe kude. Uvuka kusesebusuku, aphe abendlu yakhe ukudla, aphe izincekukazi zakhe isabelo. Ubheka izwe alithenge; ngezithelo zezandla zakhe utshala isivini. Ubopha izinkalo zakhe ngamandla, aqinise izingalo zakhe. Uyabona ukuthi ukuthengisa kwakhe kuhle; isibani sakhe asicimi ebusuku. Ubeka izandla zakhe othini lokuphotha, lezandla zakhe zibambe isihlabathi. Uyelulela isandla sakhe kwabampofu; yebo, uyelulela izandla zakhe kwabampofu. Akesabi iqhwa endlini yakhe, ngokuba yonke indlu yakhe yembethe izindwangu ezibomvu. Uzenzela izigqoko ngezicucu; izingubo zakhe ziwusilika nokububende. Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, ngokuba ihlezi phakathi kwamalunga ezwe. Wenza ilineni elicolekileyo, athengise ngalo; futhi unikeze amabhande kumthengisi. Amandla nodumo yizingubo zakhe; futhi uzojabula ngesikhathi esizayo. Uvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha; nolimi lwakhe kukhona umthetho womusa. Uyaqaphela izindlela zendlu yakhe, angadli isinkwa sobuvila. Abantwana bakhe bayasukuma bathi ubusisiwe; nomyeni wakhe, futhi uyamncoma. Amadodakazi amaningi enzile ngobuqotho, kepha wena udlula wonke. Ubuhle buyinkohliso, nobuhle buyize; kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa. Mnikeni ezinye zezithelo zezandla zakhe; nemisebenzi yakhe mayimdumise emasangweni.

Dlulisela
Funda IzAga 31