Ububele neqiniso makungakushiyi; kubophele entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho, ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu. Thembela kuSimakade ngayo yonke inhliziyo yakho, unganciki kokwakho ukuqonda. Mazise Yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho. Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uSimakade, uqhele ebubini. Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho, nokuhlunyelelwa kwamathambo akho. Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho, ukuze izinqolobane zakho ziphuphume ngobuningi bomkhiqizo, nezikhamo zakho zichichime iwayini elisha. Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kukaSimakade, ungakwenyanyi ukusola kwakhe. Ngokuba uSimakade uyamyala amthandayo, njengoyise eyala indodana ayithandayo.
Funda IZaga 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZaga 3:3-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo