Ndodana yami, uma ulalela amazwi ami, ugcine imithetho yami, wenze indlebe yakho ilalele ukuhlakanipha, nenhliziyo yakho ithambekele ekuqondeni; uma ukhala ngokuhlaziya, ulizwakalisa izwi lakho ngokuqonda; uma ukufuna njengesiliva ukufunisisa njengengcebo efihliweyo, khona uyakuqonda ukuthi kuyini ukumesaba uSimakade, uthole ulwazi ngoNkulunkulu. Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha, emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda. Uyabela abaqotho impumelelo, uyisihlangu salabo abahamba ngokwethembeka. Uyabavikela labo abahamba ngokwendlela yezahlulelo zakhe
Funda IZaga 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZaga 2:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo