IZaga 17
17
Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (8)
1 Ungcono onokuncane, owomileyo enokuthula,
kunendlu egcwele okuhlatshiweyo nokuxabana.
2Inceku eyenza okuhlakaniphileyo
iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo;
iyakudla ifa njengomunye wezelamani.
3 Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva,
nesithando somlilo ngesegolide,
kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.
4 Owenza okubi uqaphela izindebe zenkohlakalo,
nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.
5 Odelela ompofu usola uMenzi wakhe,
nothokoza ngengozi akayukuyekwa angajeziswa.
6 Abazukulu bangumqhele wabadala,
abazali bayigugu kubantwana.
7 Izindebe ezinobugagu azisifanele isiwula;
kakhulu kangakanani-ke izindebe zenkohliso
kumuntu ohloniphekileyo na?
8 Ukufumbathisa kunjengetshe elinqabileyo emehlweni
alowo okwenzayo,
noma ebhekaphi uyaphumelela.
9 Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha olulandelayo udaba
udalula imfihlo,
wehlukanisa abangani abasondelene.
10 Ukusolwa kungena kujule kulowo onokuqonda,
kunemivimbo eyikhulu koyisiwula.
11Omubi ufuna ukuhlubuka kuphela,
ngalokho uyakuthunyelwa isithunywa esinonya.
12 Kungcono ukuhlangana nebhere
elephucwe amawundlu alo,
kunesiwula ebuwuleni baso.
13 Ophindisela okuhle ngokubi,
ububi abuyukusuka endlini yakhe.
14 Ukuqala kwengxabano
kufana nokuvulelwa kwamanzi,
ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.
15 Othetha ngecala isikhohlakali,
nolahla ngecala olungileyo,
bobabili bayisinengiso kuSimakade.
16 Yini ukuba isiwula
sibe nemali yokuthenga
ukuhlakanipha esandleni,
sibe singenangqondo na?
17 Umngani uyathanda ngezikhathi zonke,
kodwa umfowenu wazalelwa
ukukuthwalisa ngezikhathi zobunzima.
18 Umuntu oswela ukuqonda uxhawulana nomunye,
enze isivumelwano,
isithembiso phambi kukamakhelwane wakhe.
19 Owephula umthetho uthanda ingxabano;
owenza isango lakhe liphakame
ukhonga ukubhujiswa.
20 Onenhliziyo ephambeneyo akakufumani okuhle;
onolimi oluphambeneyo uwela engozini.
21 Ozala isiwula ufumana usizi;
uyise wesiwula akathokozi.
22 Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,
kepha umoya owaphukileyo
womisa amathambo.
23 Isikhohlakali semukela umfumbathiso ofihliwe,
ukuze sihlanekezele izindlela zokwehlulela.
24 Ukuhlakanipha kuphambi komuntu onokuqonda,
kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.
25 Indodana eyisiwula iwusizi kuyise,
nomunyu kowayizalayo.
26Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle,
nokushaya abaqotho akulungile.
27 Obamba amazwi akhe unokwazi;
onomoya ozothile ungumuntu onokuqonda.
28 Nesiwula lapho sithule kuthiwa yisihlakaniphi,
novala umlomo wakhe unokuqonda.
Okuqokiwe okwamanje:
IZaga 17: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.