IZaga 18

18
Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (9)
1Lowo ozazi yena
ofuna intando yakhe;
umelana nakho konke
ukuhlakanipha okungqokolo.
2 Isiwula asithokozi ngokuqonda,
kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yaso.
3 Lapho kufika onenkohlakalo kuza nokwedelela,
kanye nehlazo nokuhlazeka.
4 Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo,
nomfula ogobhozayo,
nomthombo wokuhlakanipha.
5 Akulungile ukwenzelela isikhohlakali,
nokuba olungileyo ahlanekezele ukwehlulela.
6 Izindebe zesiwula ziletha ingxabano,
nomlomo waso uletha imivimbo.
7 Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso,
nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.
8 Amazwi enhlebi anjengezibiliboco,
ehlela ezibilini zomuntu.
9Umuntu ovilapha ukusebenza,
ungumfowabo wenkosi yokubhubhisa.
10 Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla;
olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
11 Ingcebo yesicebi ingumuzi waso onamandla;
injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.
12 Inhliziyo yomuntu iyaziqhenya
ngaphambi kokuba abhujiswe,
kanti ukuthobeka kwandulela udumo.
13 Ukuphendula ungakezwa kungubuwula nehlazo kuye.
14 Umoya womuntu uyabumela ubuthakathaka bakhe,
kodwa ngubani
ongathwala umoya odabukileyo na?
15Inhliziyo ehlaziyayo izuza ulwazi,
nendlebe yohlakaniphileyo ifuna ulwazi.
16 Isipho somuntu simvulela iminyango,
simphendlele indlela kwabakhulu.
17Obeka udaba lwakhe kuqala
kuba sengathi nguyena olungileyo,
kuze kufike omunye amphenyisise.
18 Unkatho luyayiqeda ingxabano;
luyehlukanisa phakathi kwabanamandla.
19Umzalwane owoniweyo ulukhuni wedlula
umuzi onamandla,
nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.
20 Isisu somuntu siyasuthiswa yisithelo
somlomo wakhe,
saneliswe ngokukhishwa yizindebe zakhe.
21 Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,
nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.
22 Ofumana umfazi uthola okuhle;
uzuzile isihawu kuSimakade.
23 Ompofu ukhuluma ngokuncenga,
kepha isicebi siphendula ngesankahlu.
24 Umuntu wabangani uzilimaza yena,
kodwa umngani weqiniso uyanamathela
ukwedlula izelamani.

Okuqokiwe okwamanje:

IZaga 18: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo