Ophanayo wandelwa yingcebo yakhe, kodwa oncishanayo uzibangela ubuphofu bodwa. Umuntu ophanayo uyakuceba; ophuzisa abanye amanzi uyakuphuziswa naye. Abantu bayamqalekisa oncishana ngokudla, kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngakho. Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo, kepha ofunisisa okubi kuyakumehlela. Othembele engcebeni yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza. Ohlupha indlu yakhe uyozuza ize, nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo. Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyayizuza imiphefumulo. Olungileyo uthola umvuzo emhlabeni; kangakanani-ke isikhohlakali nesoni?
Funda IZaga 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZaga 11:24-31
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo