IzAga 11:24-31
IzAga 11:24-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ophanayo wandelwa yingcebo yakhe, kodwa oncishanayo uzibangela ubuphofu bodwa. Umuntu ophanayo uyakuceba; ophuzisa abanye amanzi uyakuphuziswa naye. Abantu bayamqalekisa oncishana ngokudla, kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngakho. Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo, kepha ofunisisa okubi kuyakumehlela. Othembele engcebeni yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza. Ohlupha indlu yakhe uyozuza ize, nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo. Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyayizuza imiphefumulo. Olungileyo uthola umvuzo emhlabeni; kangakanani-ke isikhohlakali nesoni?
IzAga 11:24-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ukhona ohlakazayo; nokho uyenezelwa kakhulu; kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela. Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye. Ogodla amabele, abantu bayamqalekisa, kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisa ngawo. Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo, kepha ofuna okubi, kuyakumehlela. Owethemba ingcebo yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza. Okhathaza indlu yakhe uyakudla ifa lomoya, nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo. Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo. Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni; kakhulu kangakanani omubi nesoni.
IzAga 11:24-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kukhona ohlakazayo nokho anda; futhi kukhona ogodla okungaphezu kwalokho okudingekayo, kodwa kubhekise ebumpofu. Umphefumulo ophanayo uyokhuluphala, noniselayo uyophuziswa yena. Ogodla ukolweni, abantu bayamqalekisa; kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisayo. Ofuna okuhle uthola umusa; kepha ofuna okubi, kuyakumehlela. Owethemba inotho yakhe uyakuwa, kepha olungileyo uyahluma njengehlumela. Ovusa indlu yakhe uyakudla ifa lomoya, nesiwula siyakukhonza ohlakaniphile ngenhliziyo. Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila; nozuza imiphefumulo uhlakaniphile. Bheka, olungileyo uyakuphindiselwa emhlabeni, kakhulu omubi nesoni.