Thina sonke esipheleleyo masibe nokuqonda okunjalo. Kepha uma kwenzeka niba nokuqonda okwehlukileyo, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona, kuphela masibambelele kulokho esesifinyelele kukho. Bazalwane, ngilingiseni, futhi nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. Abaningi enganitshela ngabo ngiphindelela, kumanje ngisanitshela ngabo ngikhala izinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKhristu. Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela. Kepha thina singabombuso wezulu, lapho futhi silangazelele khona ukubona uMsindisi, iNkosi uJesu Khristu. NguYena oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo. Lokho uyakukwenza ngamandla akhe akwazi ukuzihlelela ngawo konke phansi kwakhe.
Funda KwabaseFiliphi 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseFiliphi 3:15-21
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo